ZINETHEMBA lokuthi umhlangano ezibe nawo noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ngoMgqibelo, uzothela izithelo ezinhle ekulweni nobugebengu izinhlaka ezilwa nobugebengu emiphakathini eThekwini.
UNtuli ubize lo mhlangano ngenhloso yokuxoxa, kuqhanyukwe nemibono engalekelela emizamweni yokulwa nobugebengu ezindaweni okukhona kuzo iNanda, Ntuzuma, KwaMashu, Phoenix noMlaza.
Omunye ongumholi weNtuzuma Neighbourhood Watch, uMnuz Andile Jali, uthe baphume benethemba lokuthi izocabeka indlela eya phambili.
“Okukhulu kunakho konke ukuzwa undunankulu elikhipha ngomlomo wakhe elokuthi uyazibophezela ekusebenzisaneni nezinhlaka ukuze kuliwe nobugebengu. Siphume sinethemba lokuthi kokuwu-10 esikuphakamisile, kukhona okumbalwa azosilekelela kukho, bese umehluko uyabonakala,” kusho uJali.
Phakathi kwezinto ezihlaluke emhlanganweni ukuthi izinhlaka eziqapha ubugebengu zizokwenzelwa uhlelo lokuqeqeshwa ukuthi zilwa kanjani nabo ngendlela ephephile.
Uthe kuphakanyiswe neyokuthi zinezelwe izimoto izinhlaka ezizisebenzisa ukuhamba kalula emphakathini uma ziqaphe ubuhebengu.
“Undunankulu uthe asibhale phansi konke esikufunayo ngokwehlukahlukana kwethu, bese siletha kuye, acubungule, bese eyasinika, angasinika khona,” kusho uJali.
Uthe bakuvezile nokuthi bayafisa ukuthi isifundazwe, sikopele uhlelo lwama-wardens aqapha ubugebengu eGauteng, olwethulwa uNdunankulu Panyaza Lesufi. Uthe baphakamise ukuthi uma selwenziwa lolu hlelo luqale eThekwini, futhi kubekwe phambili amalungu ezinhlaka ezivele zilwa nobugebengu, kungathathwa noma ngubani.
Ephawula ngokukufa komholi weqembu lemigulukudu iWest, ngoLwesine eNanda, uthe kuchwaze zonke izindawo zaseNanda, KwaMashu naseNtuzuma.
Umufi (22) okuthiwa ubeyindlondlo yobugebengu obunzima kula malokishi, usale enkundleni ngesikhathi betholene phezulu namaphoyisa eVerulam.
Kuvele ukuthi ubebuya kolanda izidakamizwa. Uyamaniswa noxhaxha lwamacala abucayi, okukhona kuwo nangu-10 okubulala.
“Ngisho nasezinkundleni zokuxhumana abantu bebekikiza. Bethi banethemba lokuthi kuzoke kushaye umoya ngokufa kwakhe,” kusho uJali.
Umufi kuthiwa ubengowokuzalwa eNewtown C, eNanda.
Phakathi kwamanye amacala abesolwa ngawo, kwaba ngelokudubula owayeyilungu leNtuzuma Neighbourhood Watch, uMnuz Mzwandile Mbambo (6O) ngoJuni, nyakenye. UMbambo wadutshulwa ebuka ithelevishini nomndeni wakhe. Emva kwesigameko, kuthiwa umufi wayede ebonakala epake imoto ngaphandle kwakaMbambo.
Usinde ezigamekweni eziningi zokudubulana namaphoyisa, ezenzeke eminyakeni emibili edlule, lapho obekugcina kufa ozakwabo, yena aphunyuke. Phakathi kwazo kukhona esakwaBester, eZintombini, lapho okwafa khona ozakwabo abayisithupha, betholene phezulu namaphoyisa, umphakathi wajabula uzitshela ukuthi naye ubulewe kanti ukwazile ukubaleka.
Isolezwe libuye lathola ngomunye umthombo walo ukuthi ayisihlanu amalungu ezinhlaka ezilwa nobugebengu awabulele kulesi sibalo esishiwo amaphoyisa.
“Le ngane ibingazwile. Ibibabulala emini kubuka noma ubani. Kuthiwa nomalume wayo owayeyilungu le-foramu, yaqala ngaye,” kusho umthombo.
Uthe izalwa usomabhizinisi onendawo yokucima ukoma edumile eThekwini.
“Ibiyinkinga kakhulu le ngane. Kukhona abantu ebibathuthisa ngisho nasendaweni. Ngisho noyise ubeseyisaba kabi, ingasahlali kubo,” kusho umthombo.
Ubalule nesigameko sokubanjwa kwenkunzi ematekisini okuke kwadla lubi ematekisini akwaBester, wathi ngisho nosomatekisi bebeyisabisa okwenyoka.
UNtuli, uthe lona bekuwumhlangano obaluleke kakhulu.
“Udaba kwezinsizakusebenza zokubalekelela, nalo sisazoxoxa ngalo kabanzi. Abanye banomcabango wokuthi ukunikwa izimoto, iyona kuphela into engabalekelela balwe nobugebengu, abanye babalule ukubaluleka kokunikwa imadlana,” kusho uNtuli.
Uthe into egqamile nacabanga ukuthi ibalulekile, ukuqeqeshwa kwabo ukuze banikwe ikhono lokulwa nobugebengu.