KUBUYISE ithemba ukusayinwa komthetho ngokuguquguquka kwesimo sezulu, i-Climate Change Bill, esayinwe nguMengameli Cyril Ramaphosa.
Ngalo mthetho uhulumeni uhlose ukuzibophezela ekuqhamukeni namaqhinga azonciphisa umonakalo odalwa isimo sezulu esingesihle, ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu.
Phakathi kokunye okulindeleke kuhulumeni ukuthi aqinisekise ukuthi elakuleli lenza okulindeleke kulo, kwinhlanganisela yamazwe azibophezele ekuqhamukeni namasu azolwisana nalesi sihlava.
Echaza kafushane okhulumela ihhovisi likaRamaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, uthe phakathi kokuhloswe ngalo mthetho, ngukuthi elakuleli liqinisekise ukuthi muncane umoya eliwungcolisayo.
“Ngokuqhubeka kwesikhathi kufanele elakuleli linciphise inani lama-greenhouse gases eliwakhiqizayo, afinyelele esikalweni esivumelekile ngale kokuthi kulahleke amathuba emisebenzi. Kumele kwakhiwe amanye amathuba omsebenzi azobe eqhakambisa ukubaluleka kokusetshenziswa kwezinye izinto ezingawungcolisi umoya,” kusho uMagwenya.
Lo mthetho uhlose ukuthi uqinise amatomu okusebenzisana phakathi kwenzinhlaka ezehlukene nokubekwa kwemigomo ecacile elakuleli likwazi ukuhlangabezana nezivumelwano, zeNationally Determined Contribution (NDC) engaphansi kwesivumelwano saseParis.
Lesi sivumelwano sasayinwa amazwe angu-196 engqungqutheleni i-UN Climate Change Conference (COP21), eyayiseParis ngo-2015.
Amazwe azibophezela ukuthi azoqhamuka nezindlela ezintsha zokunciphisa ukukhiqiza umoya ongcolile, aqhamuke nezindlela ezintsha ezizokhuthaza umoya ohlanzekile.
Kucacele noma ngubani ukuthi iyadingeka imizamo enjengale kulandela iziwombe zomonakalo odalwa yisimo sezulu esingesihle esilokhu sibonakala siziphinda minyaka yonke.
Lokhu kusho ukuthi kufanele kushintshe ukwenza kubantu, izimboni zemikhiqizo kanjalo nezinhlaka ezehlukene zikahulumeni.
Uma ubuka iziwombe zesimo sezulu esingesihle ezilokhu zihlasela isifundazwe iKwaZulu-Natal kukhomba ngokusobala ukuthi izinto ziya ngokuya ziba zimbi.
Ngo-Ephreli 2022 lesi sifundazwe sahlaselwa yizikhukhula ezadlula nemiphefumulo yabantu abalinganiselwa ku-450.
ITheku lashayeka kakhulu.
Balinganiselwa ku-48 abagcina bengatholwanga.
Ezibalweni ezashicilelwa uhulumeni ezingeni likazwelonke, abalelwa ku-4 000 amakhaya acekeleka phansi, kwathi angaphezu kuka-8 000 akhahlamezeka kancane.
Lokhu kwashiya abantu abalinganiselwa ku-40 000 bengenazo izindawo zokufihla ikhanda.
Zingaphezu kuka-600 izikole ezacekeleka phansi, okwaholela ekutheni abafundi abangaphezu kuka-270 000 bathikamezeke.
Izikhungo zezempilo ezathinteka zibalelwa ku-66.
NgoDisemba 2023, zaphinda zagasela futhi izikhukhula, kwathinteka uMnambithi noMgungundlovu.
Ngokwezibalo ezashicilelwa uMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, kuleso siwombe kwafa abantu abangu-40.
Le mvula yabuye yaholela ekutheni kulimale abantu abangu-74.
Kwakhahlamezeka amakhaya angu-800, kuwona kwakukhona angu-247 okwaphela nya ngawo, kwasala abantu abangu-47 bengenandawo yokuhlala, kwathinteka abalinganiselwa ku-4 000.
Ngasekuqaleni kukaJuni nonyaka, kufe abayishumi kuhlasela isishingishane oThongathi.
Isishingishane sashiya inqwaba ingenamakhaya.
Ngokusho kowayeyiMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda, umonakalo owadalwa yisishingishane ulingangiselwa kuR481.7 million.
Kuzo zonke lezi ziwombe, nengqalasizinda efana nemigwaqo, amabhuloho akusali , nakho kucekeleka phansi.
Emasontweni edlule, umlilo wequbula eShowe naseMgungundlovu udlule nabantu abangu-15.
EMgungundlovu, bayisikhombisa abacisha umlilo abafe bezama ukubhula umlilo eBoston.
Kule sigameko, kwasha amadlelo angama-hektha angaphezu kuka-2 000, kwasha imfuyo engu-48.
Ngaphambi kwalokho, lo mnyango wabika ngokufa kwabayisikhombisa kulandela ukuqubuka komlilo wequbula ezindaweni ezehlukene okukhona kuzo iKing Cetshwayo, Ilembe, Zululand noThukela.
Abalimi balahlekelwa yimfuyo engu-1 600, isha emlilweni, kwathi ama-hektha angu-14 000 ayenamadlelo angqongqa.
Ucwaningo olwenziwa yizazi zesimo sezulu, lukhomba ukuthi ukuguquguquka kwesimo sezulu kudalwa yizenzo zabantu ngokushisa kwabo kuze kweqe izinto ezifana namalahle, uwoyela negesi.
Ukushiswa kwalezi zinto kuholela ekutheni kwakheke ukushisa okungabekezeleleki emkhathini bese kuba nezimo zezulu ezingezinhle.
OnguSolwazi kwezokuguquguquka kwesimo sezulu eLondon School of Hygiene & Tropical Medicine, ophinde ahlonishwe ngokuba wuSolwazi eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uTafadzwa Mabhaudhi, uthe elakuleli seliphenduke inkundla yesimo sezulu esingesihle ngenxa yokuthi alizilungiseleli.
Uthe okwenza kushaye kuzwele ukuthi izinga lobubha nokungalingani kwabantu liphezulu kakhulu.
“Ngokubambisana phakathi kwezinhlaka zonke zikahulumeni, umphakathi, izincithabuchopho, abemikhakha ezimele, sihlalelwe yijoka lokwenza okuthile ukuzama ukunciphisa umthelela odalwa isimo sezulu esingesihle,” kusho uMabhaudhi.
Uthe okungasiza ukuthi izwe liqale ukuqinisa ekusebenziseni amandla avuselelekayo (renewable energy) liphinde litshale izihlahla eziningi.
“Umphakathi kufanele ufundiswe ngobungozi besimo sezulu esingesihle ukuze uqonde ubungozi baso. Lokhu kuzolekelela nasekuzilungiseleleni, ikakhulu kulabo abahlala ezindaweni ezakhele imifula,” kusho uMabhaudhi.
Uthe kufanele uhulumeni ashintshe ukwenza, esikhundleni sokuthi aqhamuke esephendula emonakalweni odalwe yisimo sezulu esingesihle.
“Ngibala ingqalasizinda ekwaziyo ukumelana nesimo sesulu esingesihle,” kunezela yena.
Wenze isibonelo ngohlelo lokugeleza kwamanzi emigwaqweni.
Kuzokhumbuleka ukuthi imibiko yangemuva kwezikhukhula zika-Ephreli 2022, yaveza ukuthi enye yezinto ezenza ukuthi iTheku kube yilo elishayeka kakhulu, ukungasebenzi kohlelo lokuhambisa amanzi emigwaqweni.
UMasipala weTheku wathunyelwa imibuzo mayelana nokuthi usuhambe ibanga elingakanani ukulungisa le nkinga.
Esikhundleni sokuphendula, wacela ukuthunyelwa uhlu lwemigwaqo enale nkinga.