UMASIPALA waseThekwini uzosebenzisa uR1.7million ukugqugquzela abantu bakuleli dolobha ukuthi bahambele umcimbi wokudluliselwa ngokusemthethweni kwesitifiketi sobukhosi kwiSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Isitifiketi seSilo sizodluliselwa ngokusemthethweni nguMengameli Cyril Ramaphosa, enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, ngoMgqibelo.
Umasipala uhlela ukukhipha unyawo njengoba ufuna ukuthi le ngqophamlando yomcimbi ibeyimpumelelo.
Izolo emhlanganweni wesigungu esiphezulu emkhandlwini kuphasiswe ukusetshenziswa kwale mali. Phakathi kwezinto ezizokwenziwa ngale mali wuchungechunge lwemikhankaso yokugqugquzela abantu ukuthi bafike ngobuningi babo eMoses Mabhida nokuhlinzeka abazokuya emcimbini ngezinto zokuthutha.
Bangu-49 000 abantu okulindeleke ukuthi bahambele umcimbi wangoMgqibelo. Ngokombiko othulwe ngobebambe njengemenenja yomkhandlu, uDkt Musa Gumede, umkhandlu uzokhipha amabhasi angu-150.
Ngaphambi komcimbi wangoMgqibelo umasipala uzoba nemikhankaso eyehlukene lapho kuzogqugquzelwa abantu ukuthi baphume ngothi lwabo. UGumede uthe imikhankaso izoqhutshwa emahostela, enkabeni yedolobha, ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini.
“Imikhankaso izobasezindaweni ezahlukene eThekwini lapho abaculibasekhaya bakamaskandi, isicathamiya, izintombi nomama besigekle bezokhombisa khona amakhono abo njengoba sizobe sijabulela umcimbi weSilo ozayo.
“Kanjalo nabadayisa imvunulo nemisebenzi yezandla bazonikezwa ithuba lokuthi bakhombise imisebenzi yabo. Inhloso yalokhu ngukugqugquzela abantu ukuthi bahambele umcimbi weSilo.”
Kugunyazwe lokhunje, amalungu esigungu somkhandlu abesanda kuyakokotha iSilo esigodlweni KwaKhangelamankengane. Kulowo mhlangano, amalungu esigungu esiphezulu aqinisekise iSilo ukuthi konke kumi ngomumo ngomcimbi wangoMgqibelo.
ITheku linethemba lokuthi umcimbi wangoMgqibelo uzofukula ezokuvakasha. Ilungu lesigungu esiphezulu elisethimbeni elijutshwe ukuba liqinisekise ukuthi amalungiselelo omcimbi ahamba kahle, uMnuz Nkosenhle Madlala, lithe ziningi izivakashi ezizohambela umcimbi wangoMgqibelo.
“Lokhu kuzofukula ezokuvakasha. Izindawo zokulala zizobe zigcwele. Sijabule kakhulu ngalo mcimbi. Kuzobe kungokokuqala abantu abaningibebona lolu hlobo lomcimbi. Akekho umuntu ozofuna ukuphuthelwa yiwona.”
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe bazoba nomhlangano namakhosi akuleli dolobha babhunge ngamalungiselelo omcimbi wangoMgqibelo.
UKaunda ugqugquzele abazohambela umcimbi wangoMgqibelo ukuba bavunule.
“Kufanele sikhombise ukuwuhlonipha umcimbi wangoMgqibelo ngokuthi sivunule.”
Umcimbi wokudluliselwa kwesitifiketi seSilo kulindeleke ukuthi uhanjelwe yizicukuthwane eziphezulu okubalwa kuzo neNgonyama yamaSwati, uMswati III, onguninalume weSilo.