IGCAGCELE esokeni kosomabhizinisi abancane baKwaZulu-Natal abazohlomula ngoxhaso lwemali yokuthuthukisa amabhizinisi oluvela ebhange Ithala nakwiSourceFin.
Izolo isikhulu esiphezulu se-Ithala Development Finance Corporation (IDFC), uNksz Pearl Bengu, sithe iSourceFin ibeke uR150 million wokuthuthukisa osomabhizinisi abancane abasemikhakheni ehlukene.
Uthe le mali izotholakala ngokushesha futhi osomabhizinisi sebengaqala ukufaka izicelo.
“Ithala liyathanda ukuthuthukisa osomabhizinisi abancane ngoba yibona abadala amathuba omsebenzi amaningi. Kuzoxhaswa osomabhizinisi abathole umsebenzi kuhulumeni kodwa abangenayo imali yokuqala umsebenzi, abanamabhizinisi emalokishini, emakhaya nakwezinye izindawo. Inhloso yethu wukufukula umnotho waKwaZulu-Natal ukuze wonke umuntu asebenze,” kuchaza uNksz Bengu.
Uthe Ithala lingamavulandlela ekufukuleni osomabhizinisi basemakhaya nasemalokishini njengoba kuyilona elibaxhasa ngaphandle kokubafuna imicikilisho.
“Sifuna osomabhizinisi bakhule bangahlali bengosomabhizinisi abancane. Ukusebenzisana kwethu neSourceFin kuzosisiza ukwenza lokho. Okuhle wukuthi sizobe sicathula nabo, ngeke sibanike imali noma izinsiza kusebenza kuphela kodwa bazofundiswa nangokuphatha kahle imali, ukuhlela umsebenzi nangemithetho ethile ethinta osomabhizinisi,” kusho uNksz Bengu.
UMnuz Joshua Kadish oyisikhulu esiphezulu seSourceFin, uthe bayajabula ukusebenzisana neThala ngoba lihamba phambili ekuthuthukiseni abantu baKwaZulu-Natal.
Uthembise osomabhizinisi ukuthi ngeke balinde isikhathi eside uma sebefake isicelo sokuxhaswa njengoba kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje.
“Siyazi ukuthi kunzima ukuthola imali emabhange amakhulu yingakho sisebenzisana neThala okuyilona elenza umsebenzi omuhle wokulekelela osomabhizinisi abancane. Sizobanika imali yokwenza umsebenzi, sibafundise ukuyiphatha sibanike nohlelo lokuqeqeshwa ngomakadebona kwezamabhizinisi. Okuhle wukuthi sinezinkampani esisebenzisana nazo ezenza imikhiqizo ehlukene okuzosiza osomabhizinisi,” kusho uKadish.
Wenze isibonelo sokuthi usomabhizinisi olungisa ingqalasizinda uyakwazi ukuxhunyaniswa nendawo azothenga kuyona engambi eqolo. Lokho kusiza yena ukuthi onge izindleko.
Uthe osonkontileka bavumelekile ukuthenga ezinkampanini abazaziyo kodwa kulolu hlelo kuzoqale kubhekwe ukuthi kwezinye izindawo leyo mpahla ibiza malini.