I-ESKOM imemezele ukuthi isiyonge u-R13.7 billion, ngezindleko zikadizili kulo nyaka njengoba sekuphele izinyanga eziyisikhombisa ugesi unganqamuki.
Le nkampani iye iphoqeleke ukuthi isebenzise udizili uma ugesi unqamuka ngenxa yokufa kwemishini njengoba kunemishini ephehla ugesi ngodizili esetshenziswa uma kunezimo eziphuthumayo.
UNkk Daphne Mokwena obhekelele ezokuxhumana e-Eskom, uthe ugesi okhona ezweni njengamanje ungaphezu kuka-70% futhi nemishini edinga ukulungiswa, ilungiswa kahle ngaphandle kokuthi kuphazamiseke izinhlelo zokuphehla ugesi.
Ubalule ukuthi abalindele ukuthi kube nokuphazamiseka ezinhlelweni zokuphehla ugesi ehlobo ngenxa yokuthi zonke izinhlelo zihamba kahle.
“Sinciphile isibalo semishini ecima singalindele njengoba isiwu-25.3% isuka ku-33.6% ebikuwo ngo-Ephreli. Siyayikhanda imishini edinga ukulungiswa, okusho ukuthi ugesi ongekho ngenxa yokulungiswa kwemishini uwu-6 094MW. Lokhu kuzokwenza ukuthi singabikhona isidingo sokunqamula ugesi ehlobo.”
Uthe ugesi uyacima kwezinye izindawo ezinama-transformer asindelwayo ngenxa yokuthi sebebaningi abantu abasebenzisa ugesi kanti ingqalasizinda yayakhelwe isibalo esithile.
“Sinenkinga yabantu abaxhuma ugesi wezinyokanyoka kuma-transformer ethu, abanye bakokotela ama-meter, beba ugesi, babuye bawuthenge kubantu abangagunyaziwe. Konke lokhu kudala izinkinga kwingqalasizinda ngoba kufanele siwucime ugesi ukuze ama-transformer engezukusha. Sicela umphakathi obona izinto ezisolisayo noma ukukokotelwa kukagesi, ubike ku-0800 112 722 noma ku-Whatsapp 081 333 3323.”
Khonamanjalo: Inyunyana yabasebenzi i-General Industries Workers Union of South Africa (Giwusa), ithe asikho isidingo sokuthi i-Eskom icele ukuba kunyuswe ugesi ngemali enkulu uma izinhlelo zayo zokonga ugesi zihamba kahle.