ISILO uMisuzulu kaZwelithini sesizwakalise ukukhathazeka ngokuhoxiswa kwelayisensi yebhange Ithala njengoba sithi lokhu kuzoba nomthelela omubi kubantu abathembele kuleli bhange ukuqhuba amabhizinisi abo.
Siyalele uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ukuba athinte uMphathiswa wezeziMali noNdunankulu waKwaZulu-Natal ukuze beze nezinhlelo ezizoqinisekisa ukuthi ilayisensi yaseThala iyabuya.
Sibalule ukuthi Ithala libalulekile kubantu baKwaZulu-Natal, osomabhizinisi basemakhaya nabaselokishini abazothikamezeka uma lingasavumelekile ukusebenza ngendlela ejwayelekile.
Sithe Ithala yibhange elasungulwa nguNdunankulu kaZulu ongasekho, uMntwana uMangosuthi Buthelezi, ukuze lisize izizukulwane zaKwaZulu-Natal.
UMnuz Wonder Jaca onguNobhala Jikelele we-Black Business Federation, uthe kuyabakhathaza ukuhoxiswa kwelayisensi yaseThala ngoba liyisikhungo esisiza abantu abamnyama ngaphandle kwemicikilisho eminingi.
“Siqale ukukhathazeka ngesikhathi iSouth African Reserve Bank (Sarb) iqoka umlawuli ukuba asebenzisane neThala. Siye sakhala nangesikhathi i-Absa ingayivuseleli inkontileka yokusebenzisana neThala. Kuyasikhathaza kakhulu ukuthi manje iFSCA isihoxise ilayisensi yeThala kangangokuthi alivumelekile ukuthatha amakhasimende amasha,” kusho uJaca.
Uthe sekuphele iminyaka Ithala lizama ukuthola ilayisensi yamabhange kodwa aliphumeleli.
“Sicela uhulumeni waKwaZulu-Natal, ikakhulukazi uNdunankulu uMnuz Thami Ntuli noMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo, uMfundisi Musa Zondi, bangenelele. Sibonile eGauteng uMphathiswa wezeziMali ehlenga iDrip okuyinkampani kasomabhizinisi omnyama. Sicela naKwaZulu-Natal uhulumeni abhalele iSarb nezinye izikhungo ezilawula ukusebenza kwebhange Ithala ukuze linikwe ilayisensi yalo.”
Uthe osomabhizinisi abamnyama basizwa yiThala uma bethole umsebenzi njengoba libaboleka imali yokuqala umsebenzi.
“Uma osomabhizinisi sebethole imali baye bagqugquzelwe ukuthi bavule nama-akhawunti ebhange Ithala. Ngisho ozakwethu laba abaphakela izikole baye baboleke kulo imali. Uma lingasakwazi ukuvula ama-akhawunti amasha kusho ukuthi baningi abazothikamezeka. Siyacela uhulumeni enze isiqiniseko sokuthi ilayisensi iyabuya.”
Isikhulu esiphezulu sebhange Ithala, uDkt Thulani Vilakazi, sithi phansi amaphaphu kubantu ngokuhoxiswa kwelayisensi yi-FSCA ngoba lisazoqhubeka nokusebenza.
“Ithala lisavuliwe futhi liyaqhubeka nokusiza amakhasimende alo. Sifisa ukuqinisekisa abantu ukuthi imali yabo iphephile futhi asikho isidingo sokuthi bazoyikhipha.”
Uthe ilayisensi ihoxiswe ngoba iFSCA inganeme ngokulandelwa kwemigimo ethile ethinta imali (financial soundness reguirements).
“Abathola amathenda basazoqhubeka nokusizwa Ithala Development Finance Corporation, okuyinkampani ezimele. Amakhasimende ebhange Ithala azoqhubeka nokusebenzisa ama-akhawunti awo, azoqhubeka nokukhokha ngamakhadi ezitolo nokukhipha imali ezitolo nakuma-ATMs. Ababoleke imali eThala bazoqhubeka nokuyikhokha. Imishwalense yamakhasimende ngeke iphazamiseke, konke kuzoqhubeka kahle.”
Uthe iyodwa kuphela into abangavumelekile ukuyenza ngokomyalelo we-FSCA, wukuvula ama-akhawunti amasha.
Ubalule ukuthi imigomo ethinta imali (financial soundness requirements) ebekwe kwisigaba 194 somthetho wezikhungo ezisebenza ngemali awulithinti Ithala njengoba lingabhalisile njengebhange ngaphansi kwesigaba 1 se-Banks Act.
Uthe isinqumo se-FSCA sokuhoxisa ilayisensi yokuhlinzeka ngemali siza emuva kokuthi Ithala lingasathathwa njengesikhungo esisebenza ngendlela ehlukile kwamanye amabhange yize kunomlawuli oqinisekisayo ukuthi imali yabantu iphephile kuze kutholakale isisombululo sezihibe ezibhekene neThala.