ISILO uMisuzulu kaZwelithini, sithi abathalalisayo ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, banecala njengabo abagila le mikhuba.
UNomthebe kaZulu usho kanje ethula inkulumo ekhuza lesi sihlava, enkundleni iHollywoodbets Kingsmead, eThekwini izolo.
OkaBhejane ngaphambi kokwethula inkulumo, uqale wahola imashi esuka eKing Dinuzulu Park, wehla njalo wedlula eGugu Dlamini Park waze wafika enkundleni.
Umkhankaso ubuhlelwe yizinhlangano ezehlukene okukhona kuzo iKaMaskolo Foundation, The Good Men Foundation kanti bekukhona nabomsakazo Ukhozi FM.
INgonyama ithe kuyicala lawo wonke umuntu othule, ongenzi lutho ngalesi sihlava esihlasele izwe lonke.
“Sinecala ngokuphehla lolu dlame, sibe necala ngokubukela singenzi lutho. Ngiyawukhuza lo mkhuba futhi nginxusa ukuba kufakwe izinsiza zokulwa nalo mhlolo.
“Kuyihlazo kakhulu lokhu kodwa yinto esingayinqoba uma sisebenza ndawonye ngokubambisana,’’ kusho okaNdaba.
OkaMdlokombane uthe kubi ukuthi abagilwa bodlame lobulili baze balahlekelwe yithemba ngoba abakutholi ukwesekwa okufanele. UBayede uthe akusukunywe nkalo zonke kukhuzwe lo khuba omubi.
UMphathi wesiteshi Ukhozi FM, uNksz Sbongi Ngcobo, uthe uyajabula ukuthi bayingxenye yomkhankaso onjengalona. Uthe abesifazane sebekhale kakhulu ngodlame, wathi kufanele kubanjiswane kuqedwe lesi sihlava.
UNksz Ngcobo uthe bewumsakazo banazo izinhlelo ezehlukene zokulwa nalo mkhuba.
Bekukhona nowayeyiphini likamengameli wezwe, uNkk Phumzile Mlambo-Ngcuka, onikwe ithuba lokubeka amagama ambalwa. Uthe uyajabula uma kukhulunywa kuqondiswe kwabesilisa ukuthi yibona okufanele badwebe umugqa.
“Kufanele kuqale ekhaya nje ukuthi ubaba womuzi aphathe izingane zakhe ngendlela efanele angavumi ezabafana zicindezele ezamantombazane.
“Kufanele sehlukane nomkhuba wokushaya amancoko angemahle anokuhlukumeza ngoba lokhu kwenza uqale sakudlala ujwayeleke lo mkhuba wokuhlukumeza,’’ kukhuza uNkk Mlambo-Ngcuka.
Abanye abebethamele isithangami wuNkk Weziwe Thusi, oke waba kuhulumeni wesifundazwe kanti bekukhona noMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi.