ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, sifuna kuphenywe izinsolo zokunyamalala kukaR41 million esikhwameni esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust.
Imbube ihlela ukuqoka uphenyo oluzimele oluzopequlula ngokusebenza kwezimali zeNgonyama Trust.
Lokhu sikuvezwe ezincwadini esiyibhalele ibhodi leNgonyama Trust, kanye nesiyibhalele uNgqongqoshe wezeMihlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya, uMnuz Mzwanele Nyhontso.
INdlulamithi yamakhosi iyona engusihlalo webhodi leNgonyama Trust, inobudlelwano obungebuhle nebhodi elaqokwa ngo-2023.
Encwadini iSilo esiyibhekise kuNyhontso, sithe sekukaningi sicela ibhodi leNgonyama Trust ukuba lisihlinzeke ngemibiko yokusebenza kwezimali zesikhwama.
“Ibhodi lihlulekile ukunginika le mibiko nokwenza ukuthi kube nzima kumina njengosihlalo ukuba ngichazele umnyango wakho nePhalamende ukuthi izimali zesikhwama zisebenze kanjani. Lokhu abakwenzayo kuphambene nemithetho elawula ukuphathwa kwezimali futhi iphazamisa ukusebenza kwami. Yingakho ngifuna ukuthatha izinyathelo ngokushesha.”
ISilo sithe sifuna uphenyo lupequlule ukungena nokuphuma kwezimali esikhwameni kanye nokuphathwa kwazo.
“Nginxusa ukuba ungeseke kulesi sinqumo engisithathile. Umthetho uyangivumela ukuba ngithathe lesi sinqumo ngaphandle kokukhuluma nawe. Kodwa ngibone kubalulekile ukuba ngikwazise ngaphambi kokuba ngiqoke inkampani ezophenya. Lokhu ngikwenzela ukuthi ngifuna sihambisane kulolu hambo, ngifuna futhi ukuthi zilandelwe zonke izincomo zophenyo.”
Encwadini esiyibhaleli ibhodi, iSilo sazise ibhodi ukuthi sizojuba uphenyo. Siphinde sachazela leli bhodi ukuthi silifaka ngaphansi komlawuli.
Encwadini, iMbube iveze ukuthi isiqoke ummeli, uMnuz Stephen Jabulani Rakwena, wenkampani iVan Ransburg Kruger Rakwena Attorneys, ukuba azobukisisa ukuphathwa kwezimali.
“UNyhontso sengimazisile ngesinqumo sami. Lesi sinyathelo engisithathile siyaphuthuma ngendlela eyisimanga. Njengosihlalo weNgonyama Trust ngihlalelwe umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi izimali zesikhwama ziphathwa ngendlela.”
Izinhlaka zikahulumeni ezahlukene okubalwa iPhalamende, azeneme ngokuphathwa kwezimali kwiNgonyama Trust.
Eqhulwini kokungenami ukunyamalala kukaR41 million okufanele uthuthukise izizwe zamakhosi.
Ikomiti lasePhalamende elibhekelele ukusebenza koMnyango wezeMihlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya lisanda kuzwakalisa ukukhathazeka ngokwehluleka kweNgonyama Trust ukuletha ngesikhathi imibiko yokusebenza kwezimali.
Usihlalo wekomiti, uMnuz Albert Mncwango, uthe sekujwayelekile ukuthi iNgonyama Trust ingayilethi ngesikhathi imibiko yokusebenza kwezimali.
Uthe bathathe isinqumo sokuba beze KwaZulu-Natal, bezozizwela ngezinkinga ezibhekene nalesikhwama.