ISILO samaZulu uMisuzulu kaZwelithini sinxuse ukuthi kubunjwane futhi kubanjiswane phakathi kweNdlunkulu kanjalo nomndeni womsunguli we-IFP, nobenguNdunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi otshalwe ngempelasonto.
IMbube, ebivakashele KwaPhindangene izolo iyohlanganisa amehlo nomndeni emva kokukhothama kwalo mholi, ithe igqemeke udume ngokudlula emhlabeni kukaShenge.
Ithe uShenge ubeyingilosi futhi efana nedlozi eliphilayo.
“Sizoqhubeka nezimfundiso zakhe, nginxusa ukuthi sibambane kuze kube sekugcineni nomndeni. Ngeke kube lula kodwa yinto okumele siyenze. UShenge ubethwele izono zethu, manje sekumele sibone ukuthi sizokwenzenjani,” kusho iMbube.
Ithe ithinteke kakhulu ngokukhothama kukaNdunankulu wayo yathi ubelimela iqiniso.
“Umele iqiniso kwaze kwaba sekugcineni. Ubambeni umsebenzi woMntwana niqhubeke nawo.”
ISilo sithe ukuba uShenge wayengekho, ngabe kwasona asikho.
“Ngabe angizalekanga ukuba uShenge wayengekho. Nguyena owafuna ukuthi isizwe silobole iNdlovukazi engizalayo, isizwe sakwenza lokhu. Ubelokhu eyigade njalo indlovukazi ebika nakomalume ukuthi iphatheke kahle KwaZulu.”
Sithe njengoba isiko lingavumi ukuthi sihambele imingcwabo kodwa besikhona KwaPhindangene ngokomoya kwaze kwaba sekugcineni.
Indodana kaShenge, uMntwana uZuzifa, itshele iMbube ukuthi ibimkhathaza uyise eyokungaboni ngaso linye eNdlunkulu.
Ithe nangesikhathi esebambeke kakhulu uyise, wamtshela ukuthi aqhubeke ayibheke iNdlunkulu.
“Wathi akafuni kube noqhekeko phakathi komndeni wakwaButhelezi neNdlunkulu. Wayesho nokuthi noma angehla esihlalweni sokuba nguNdunankulu kaZulu, kodwa uzoqhubeka aseke iSilo esibusayo ngoba singumzukulu kuyena.
Uthe uShenge eNdlunkulu isekhabonina ngakho ubeyingxenye yomndeni.
“Bekuhlale kuthiwa uthanda kakhulu eNdlunkulu, asho ukuthi wakhulela esigodlweni saKwaDlamahlahla.”
Uveze nokuthi uyise wakhala mi izinyembezi ngesikhathi kukhona abebemsola ngokuthi ufuna ukuba mkhulu adlule iSilo.
“Wakhala ngoba wayesisebenzele isihlalo, ngakho wayengeke afune ukuba mkhulu ukudlula iSilo. Ngenye yezinto ezamphatha kabi le.”
UShenge utshalwe ngokohlelo loMbuso ngokwesigaba sokuqala. Ngesikhathi etshalwa bekukhona ababengomengameli bezwe kanjalo noMengameli Cyril Ramaphosa.
Isazi samasiko uSolwazi Sihawu Ngubane, ekhuluma ngokushesha ukuyohlanganisa amehlo kweSilo nomndeni wakwaButhelezi, uthe izinto zamasiko ziyenzeka uma umndeni uvumelana.
Uthe amalungu omndeni ayanikezwa ithuba lokugezwa ngokushesha emva kokuthuna ukuze abuyele ezindaweni asebenza kuzo.
“Asikho isikhathi esibekelwe ukuthi iSilo siyovela kwaPhindangene ngoba kufana nokuthi isekhaya laso. Asisondeli kuphela lapho kunesidumbu khona, kodwa uma sekungcwatshiwe ayisabikhona inkinga. Nangesikhathi kukhotheme unina indlovukazi, saya emva komngcwabo ngoba ikwaso,” kusho uNgubane.