ISIKOLE esikhiqize inqwaba yamaqhawe, ikakhulukazi ababhali abahlonishwa nasezingeni lomhlaba, iGcotsheni Higher Primary, sizogubha iminyaka ewu-100 sasungulwa ngendumezulu yomcimbi.
Usihlalo wethimba elihlela le ndumezulu yomcimbi, uDkt Nakanjani Sibiya, uthe umgubho uzoba kulesi sikole ngoJulayi 6 kulo nyaka.
“Kulo mkhosi kuzobe kumenywe bonke abake bafunda kulesi sikole, amalungu omphakathi ngokunjalo nabahlobo beGcotsheni abavela emikhakheni ehlukahlukene. Bangaphezu kuka-500 okulindelwe ukuba bathamele umcimbi.”
IGcotsheni idume ngokuba yindawo okwazalelwa kuyona ababhali abayizingwazi abanjengoSolwazi uDBZ Ntuli nabanye. USibiya uthe empeleni babalelwa eshumini ababhali abadabuka eGcotsheni futhi zibalelwa ku-200 izincwadi abazibhale ngabodwana noma ngokuhlanganyela.
Uthe singakhula kakhulu isibalo sezincwadi uma kubalwa nalezo abazibhale nabalobi bakwezinye izindawo.
“Ngokwesibonelo nje, uPB Maphumulo usebhale amanoveli awu-11, imidlalo emide neyomsakazo ewuchungechunge ewu-14, kanti zingaphezu kuka-150 izindaba ezimfushane nemidlalo emifushane eziphume osibeni lwaseGcotsheni. Kusukela ngo1963 kuze nganeno, cishe akekho umuntu ofunde isiZulu esikoleni noma esikhungweni semfundo ephakeme ongakaze ayifunde incwadi, okungenani yombhali oyedwa waseGcotsheni”
USibiya, wodumo lwencwadi ethi Bengithi Lizokuna nethi Kuxolelwa Abanjani, uthe bambalwa kakhulu abaziyo ukuthi owayeyisishoshovu somzabalazo owasocongwa ngo-1990, uMbuso Shabalala, wafunda eGcotsheni.
“Wayekhaliphe ngendlela exakile umfo kaMshengu, evame ukweqiswa amakilasi athile. Sasisagcina kwaStandard 4 (Grade 6)isikole, kwathi phakathi nonyaka uthishanhloko, uMthembu wenza izinhlelo zokuba adlulele kwesinye isikole ukuze ayofunda uStandard 5 (Grade 7), nakhona wafike wabaqwaqwada nanxa wayefike phakathi nonyaka”
USibiya uthe ngale kwegalelo kwezemfundo, kwezemibhalo nakwezokulwela inkululeko, likhulu neqhaza labantu abavamile nje baseGcotsheni okwathi noma bengafunde kuyaphi, kokunye bengafunde nhlobo, bakwazi ukusungula amabhizinisi anjengezitolo, ezokuthutha, ezolimo, baphemba amabandla enkolo, babalwa nezikhuthali nakwezinye izinhlaka nemikhakha.
USibiya unxuse osomabhizinisi, iminyango kahulumeni nomasipala ukuba baphonse itshe esivivaneni ukuze lo mcimbi ube sezingeni elicokeme. Esephetha uthe abafuna ulwazi oluthe thuthu bengambhalela kwi-email ethi:[email protected] noma unobhala [email protected].