ISIKHIPHE isidumbu inkiyankiya yokungabi bikho kwamanzi ePhoenix eThekwini.
UNksz Shonisile Primrose Nxele (48) waseBrooks Farm ePhoenix, udutshulwe washona ngoMsombuluko ebusuku eyokha amanzi ethangini elibekelwe umphakathi ukuthi ukhe amanzi emgwaqweni.
Ithangi kuthiwa libekwe wuMasipala weTheku kule ndawo ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, ngaso isikhalo sesomiso samanzi.
Ngosuku lwesigameko, umufi kuthiwa utholwe yinhlamvu ebingabhekisiwe kuyena, eqhamukele ebantwini ebebetholene phezulu, bejikijelana ngamazwi, kubangwa amanzi ethangi.
Lilandisa ilungu lomndeni, uMnuz Siyanda Nxele, lithe bathole ukuthi kusuke umsindo phakathi kwabantu baseBrooks Farm abebeklelise izitsha zabo zamanzi ethangini nowesilisa waseMawoti, ofike ngemoto naye ezokha amanzi.
“Owesilisa kuthiwa akafunanga ukujoyina ulayini njengabanye, ufune ngodli ukukha amanzi kuqala. Kuthiwa usuke lapho-ke umsindo, abebelinde kulayini bezwakalisa ukungahambisani nesenzo sakhe,” kulandisa uNxele.
Uqhube wathi bathole ukuthi owesilisa uvuke umbhejazana, elwa nabebemphikisa. Uthe uma ebona ukuthi umsindo uya ngokuphakama, wavele wakhipha isibhamu wadubula.
“Sithole ukuthi babaleke bagcwala yonke indawo abephikisana nabo ngamazwi ngesikhathi eqala edubula, ebhekisa ngalapho abebengakhona. Kuthiwa yilapho okudubuleke khona udadewethu, obezolanda ibhakede lakhe abelishiye ligcwele eduze nethangi,” kuchaza uNxele.
Ucacise ukuthi udadewabo ubengesiyo ingxenye yomsindo kodwa ufike endaweni ngesikhathi esibi.
Uveze ukuthi umndeni wabo useMawoti, udadewabo ubesenomuzi eBrooks Farm. Uqhube wathi bathole ucingo ngesigameko ngo-8.40 kusihlwa. Uthe kubathathe imizuzu eyishumi ukufika endaweni yesigameko.
“Ngimfice esethule, eseze wambozwa nokumbozwa. Udubuleke kwesingenhla,” kuchaza uNxele ngosizi.
Uthe bathole ukuthi umsolwa, emva kokwenza umonakalo, ushaye wachitha, ebheke eMawoti lapho abeqhamuke ngakhona.
Uthe kubuhlungu ukuthi baze balahlekelwa yilungu lomndeni ngenxa yokwentuleka kwamanzi.
“Awekho nhlobo amanzi eMawoti naseBrooks Farm. Angifuni nokuyikhuluma indaba yawo. Sekunesikhathi amanzi engekho ezindlini zabantu, yikho kuze kwabekwa ujojo.
Kubuhlungu ukuthi silahlekelwe yilungu lomndeni liyokha amanzi. Umasipala kufanele uyilungise le nto,” kusho uNxele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa asePhoenix aphenya icala lokubulala emva isigameko sokudutshulwa kowesifazane wafa.
“Udutshulwe ngowesilisa ongaziwa ngesikhathi eyokha amanzi ngasemzini wakhe eBrooks Farm ePhoenix, ngoMsombuluko,” kusho uConst Ngcobo.
Kwenzeka lokhu nje iMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda isanda kuba nesithangami nabezindaba lapho icacise khona ngenkinga yamanzi.
Phakathi kokunye uthe ukungabi bikho kwamanzi kudalwa wukwanda kwabantu eThekwini, ingqalasizinda esindala nokucekelwa phansi kwayo.
UKaunda uthe bayawulungisa umonakalo lapho ubikwa khona, bayawulethela umphakathi amanzi ngamaloli nangezinye izinhlelo.