“UKUKLASANA“ kwabafundi ngaphakathi esikoleni kuphethe ngokuphuma kwesidumbu empini okuthiwa iqubuke esikoleni iBrookdale Secondary, ePhoenix, ngoLwesihlanu.
Umfundi ogwazwe wabulawa uSiyabonga Mngomezulu (16) waseMawoti obefunda uGrade 10 kulesi sikole. Kuthiwa uhlanganyelwe abangamabhobhodleyana njengaye kodwa abafunda uGrade 8 ngemuva kwengxabano ebisuke ngaphakathi esikoleni. Ababonile bathi kube nothuthuva phakathu kukaSiyabonga nalaba bafundi bakwa-Grade 8, wabehlula ngezikhathi zasekuseni.
Kusolwa ukuthi laba ababili babe sebedudana nabanye, okuthiwa abafana nabo abahlala khona eMawoti, bakha icebo lokuhlasela umufi uma sekuphume isikole.
Ilungu lomndeni elicele ukungadalulwa lithe abanye abafundi bashilo ukuthi impi, okungaqondakali ukuthi ibimayelana nani, iqale phakathi esikoleni ngesifundo sesithathu.
Liqhube lathi emva kokubashaya abehlule bobabili, uzitshele ukuthi isidlulile.
“Kugcine kuvela ukuthi ibingaphelile njengoba ngokuphuma kwesikole, bamhlanganyele nabangani babo ngaphandle kwesango lesikole, bamshaya, omunye wabo wamgwaza ephindelela,” kusho ilungu.
Kuthiwa amanxeba abegcwele umzimba wonke kuSiyabonga, washonela esibhedlela ngoMgqibelo.
Siqhuba isihlobo sikaSiyabonga, sithe kubaphathe kabi ukuthi umufi angalanyulelwa ngisho onogada besikole esigamekweni abathi esenzeke phambi kwabo.
“Nakho ukuthi abulawe ngesikhali. Kusobala ukuthi besivele singaphakathi egcekeni lesikole,” kusho ilungu.
Isihlobo sithe ngesikhathi bebuza othisha, bathe ngokujwayelekile abafundi bayaseshwa njalo kodwa ngosuku lwesigameko uGrade 8 no-Grade 9 awuseshwanga.
“Bathe abacabanganga ukuthi ukhona kubona ongaphatha isikhali ngoba basebancane kodwa okubuhlungu ukuthi umbulali uphume khona kwa-Grade 8,” kusho ilungu.
Lithe kuhambe omunye umfundi wangakubo (eMawoti), waze wayofika kubona, ezobika ukuthi uSiyabonga usegwaziwe abaphuthume esikoleni, engekho omsukumelayo nomhambisa esibhedlela.
“Sithe sifika, kwathiwa siphambana naye uthisha okuyima emphuthumisa emtholampilo,” kusho ilungu.
Umufi ushonele esibhedlela iDkt Pixley Ka Isaka Seme Memorial KwaMashu.
Ilungu lithe eminyakeni edlule abasolwa abafanayo bake bazama ukuphuca umufi amakhadi okudlala ekade eye esitolo sendawo, wabashaya waze wabayeka sebemkhiphele ummese. Ngaleso sikhathi kuthiwa bathi ‘ayiphelile’. Ilungu lomndeni lithe ngaleso sikhathi kwakungakafundwa ndawonye.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe basalihlaba namanje ikhwelo kubazali lokuthi abaziqaphele izingane zabo ukuthi ziphuma ziphetheni uma ziya ezikoleni.
“Umfundi isikhali usuka naso ekhaya eze naso esikoleni,” kusho uMahlambi.
Uthe kulesi sigameko bayazwelana kakhulu nomndeni womfundi obulewe, wathi balindele ukuthi amaphoyisa asebenze abophe umfundi owenze isigameko.
Uqhube wathi uyazwelana futhi nomndeni womsolwa ngoba akekho umzali othuma ingane ukuba iyobulala enye esikoleni.
Uphiko lwezokuxhumana emaphoyiseni luthe akuveli lutho emaphoyiseni asePhoenix ngesigameko, kodwa lwathi luzosithinta isiteshi sasePhoenix.