BAKHALA ngeziteleka ezinodlame, ukushiswa nokucekelwa phansi kwempahla emanyuvesi ikakhulu KwaZulu-Natal, uma kubhikisha izitshudeni.
Isikhalo sikaNgqongqoshe weMnyango weMfundo ePhakeme nokuQeqesha uDkt Blade Nzimande, nenhloko yomnyango uDkt Nkosinathi Sishi, izolo ngesikhathi bethula umbiko ngesimo samanyuvesi ekomitini lePhalamende.
Kabagcinanga ngokukhala ngodlame kuphela ezikhungweni kodwa nangokuthi abaphathi bayashesha ukuqoka izinkampani ezizimele zonogada eziphatha ngendluzula izitshudeni, zisebenzise indlakadla uma zihlakaza izixuku zababhikishi.
USishi othule umbiko, uveze ukuthi ezikhungweni eziningi kulesi sifundazwe uma kubhikishwa kuhambisana nodlame.
“Kushiswa impahla kungabi nozinzo okuyinto esikhathaza kakhulu nongqongqoshe. Iyasikhathaza eyokuthi kubukeka kungekho ukusebenzisana phakathi kwabaholi bezitshudeni kanjalo nabaphathi uma kuneziteleka. Osikhathaza kakhulu kungathi abaphathi basuke begade nje ukuthi ithi pe, bese bebiza onogada kudutshulwe izitshudeni ngezinhlamvu zenjoloba,” kuchaza uSishi.
Uqhube wathi bakhathazekile ngokungabi nozinzo kwezinye izikhungo kujutshwa abalawuli abazimele ukuzolawula isimo.
Umbiko udalule ukuthi kusuka ngo-2000, sekujutshwe abalawuli abangu-16, ezikhungweni zemfundo ezehlukene ngenhloso yokuthi babuyise ukuthula nozinzo.
Ubalula ukuthi eMangosuthu University of Technology (MUT), sebejube inqwaba yabalawuli ukuze babuyise uzinzo. Wathi imibiko yabacwaningi iyabasiza ekutheni babumbe imigomo eqinile nezinto okumele bazenze kuleyo nyuvesi.
“Izinkinga eziningi kule nyuvesi ziveza ukuthi kumele kushintshwe indlela okusetshenzwa ngayo esikhungweni. Kumele kufakwe zonke izinhlaka uma sekulungiswa isimo kulesi sikhungo, kwakhiwe amathimba ahlukene, uNzimande azowamemezela maduzane ukuze kulunge izinto.”
USishi ubale nezinye izikhungo okubalwa ne-UKZN, wathi ziyashesha ukulanda onogada abazimele uma kubhikishwa.
“Sikhuluma nomkhandlu wase-UKZN, ukuze kube nezingxoxo phakathi komkhandlu wezitshudeni nabaphathi ukuze bangasheshe balande onogada. Uma ubuka izikhalazo bese uyabona ukuthi besingekho isidingo sokuthi kulandwe onogada abangaka ukuzoqapha.”
Enyuvesi yaseZululand, oNgoye uthe kunozinzo emkhandlwini wakhona. Uqhube wathi bakhathazekile ngokuphepha kwezitshudeni kuzona zonke izikhungo wathi yingakho besebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi kuphephile.
Kulo mhlangano kuvele ukuthi kunekomiti elifaka ama-Dean of students emanyuvesi elihlangana njalo ukuzwa ngezinkinga ezikhona ezikhungweni.
Enyuvesi yaseKapa, kukhalwe ngokuthi akekho usihlalo womkhandlu olawula inyuvesi.
E-Fort Hare kuvele ukuthi uNzimande uzovakashela kule nyuvesi ngelizayo njengoba kwabulawa omunye wabasebenzi.