BABABAZA isihluku okubulewe ngaso owesifazane osemdala eNew Village, eNdwedwe, okuthiwa ubehambe ekhaya eyokha amanzi okuthe uma engabuyi, ngakusasa beyomfuna bazithela phezu kwesidumbu sakhe.
Isidumbu sikaNksz Sizakele Goge (66) okuthiwa ubenguthisha obesethathe umhlalaphansi sitholwe sinamanxeba okugencwa ngoLwesihlanu ekuseni.
Ngokusho kwendodakazi yakhe, uNksz Nontobeko Goge, umufi ugcinwe wumfowabo ahlala naye ngoLwesine ntambama eyokha amanzi eMadwaleni, okungumfula wendawo.
UNksz Goge uthe bakholwa ukuthi unina ubulawe ngalo uLwesine njengoba isidumbu sakhe size satholwa eduze kwebhakede lakhe lamanzi endleleni yesizulu ebuya khona emfuleni ngoLwesihlanu.
“Uficwe enamanxeba okugencwa ekhanda nasentanyeni. Isidumbu sakhe besilele sibheke phansi, igazi ligeleza, kukhombisa ukuthi ubulawe khona la atholwe khona,” kusho uNksz Goge.
Uthe umenzi wobubi kusolwa ukuthi uthathe iselula kamufi, washiya ubhopopo okuthiwa nawo ubewuphethe ngesikhathi eyokha amanzi.
Elandisa ngokwenzeke ngayizolo, okungusuku agcine ukubonakala ngalo, uthe waphuma ekhaya ephethe amabhakede amahlanu eyokha amanzi.
Uthe kwakungabo-12 emini, ngesikhathi eqala ukukha amanzi kanti ngaleso sikhathi umfowabo wayekhona egcekeni, waze wamlekelela kancane ngokufaka amanye amabhakede ekhaya.
“Umalume uthi uthe sekusele amabhakede amabili wase eyamshiya ekuthutheni amanzi, wathatha indlela njengoba yena engumuntu ohlala ngokuzibambela amatoho ehlukahlukene endaweni. Uthe wamtshela umama ukuthi useyamshiya ngoba vele useyaqeda ukukha amanzi, bagcinana lapho,” kusho uNksz Goge.
Uthe umalume uthe esebuya ematohweni sekumnyama, uhambile wayongqongqoza endlini kadadewabo njengenhlalayenza.
“Uthi kummangazile ukuthi angasabeli uma embiza kodwa wanganaka ezitshela ukuthi mhlawumbe uselele, naye wahamba wayolala. Uthe uvuke ekuseni ngakusasa waphinde waqaphela ukuthi umama akekho,” kusho uNksz Goge.
Uthe kube yingaleso sikhathi lapho atshele khona omunye umuntu abahlala naye ekhaya osizayo ukuthi ake bahambe bayobheka ngasemfuleni ngoba umgcine eya khona ngayizolo.
“Baqale badlula elinye lamabhakede akhe linamanzi, okusho ukuthi nalo ubelisondeza. Bathe uma beqhubeka ngendlela, babona elesibili ngaphambi kokuba bazithele phezu kwakhe, ebulelwe ngesihluku,” kusho yena.
Uthe kubazwisa ubuhlungu ukuthi abulawe ngesihluku esingaka ebe esemdala futhi engumuntu wesifazane.
“Kubuhlungu okusehlele. Kubuhlungu kakhulu ngoba kwenzeke ngenyanga yabantu besifazane,” kusho uNksz Goge.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engaphendulanga.