BACETSHWE ejajini abamangalelwa ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, besolwa ngokuhilizisana nojele obagadile ngesikhathi sekhefu elifishane. UMshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi, uveze lolu daba ngesikhathi sebebuya ekhefini sekufanele kuqhutshekwe.
UBaloyi utshele ijaji ukuthi kube nokuhlizisana phakathi kwabamangalelwa owesithathu uMthobisi Mncube, owesine uZiphozonke Maphisa nowesihlanu uFisokuhle Ntuli, nojele.
“Ngibona ukuthi kufanele ngilubike lolu daba nkosi yenkantolo, kutholane phezulu abamangalelwa nojele lapha ngesikhathi sekhefu,’’ kusho uBaloyi.
IJaji Ratha Makgoathleng libuze abameli babamangalelwa ukuthi abayazi yini ngalokhu okushiwoyo? U-Advocate Charles Mnisi omunye wabameli, uthe uyazi ngodaba kodwa wacela ukuthi anikezwe ithuba lokuzwa kahle kubamangalelwa.
Abameli abathathu baxoxile nabamangalelwa base bebuya nombiko. UMnisi uthe kunojele otshele abamangalelwa ukuthi abahlale phansi bangalokhu besukuma, bezelula enkantolo.
Bonke abameli banikwe ithuba lokuchaza, ijaji libize ujele ukuba azobeka uhlangothi lwakhe. Ujele uthe ubezama ukubakhuza ukuthi bahlale ngendlela ethile bona bamhhahhameza.
“Baze bathi bazongishaya uma ngisondela kubona besho nokuthi umsebenzi wami wukubaletha enkantolo hhayi ukubatshela ukuthi bahle kanjani. Ngiyajabula ngoba izintatheli beziqopha ngesikhathi kwenzeka lokhu,’’ kusho ujele
IJaji lithe licela bonke abantu baziphathe kahle njengabantu abadala.