ISITOLO sokudla iShoprite ihlanganisa iminya ewu-15 iphakela abaswele ngezinhlelo ezahlukene zokusiza imiphakathi yasemakhaya nasemalokishini kuleli.
IShoprite yaqala lolu hlelo lweSoup Kitchen ngo-2007. Iveze ukuthi kwakunezimoto ezithwala impahla eziwu 32 kuphela. Lezi zimoto zazenza umsebenzi wokusabalalisa ukudla kubantu baseGauteng naseNorth West kuphela.
Ukwanda kwesibalo sabahlwempu nabasizakala kulolu hlelo kugcine sekuholele ekutheni lusatshalaliswe kuzona zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika. Akugcinanga lapho, iShoprite yathatha isinqumo sokuphumela nangaphandle emazweni angomakhelwane, okubalwa iZambia, Angola neNamibia. Sesibalelwa ngaphezulu kuka-55 million isibalo sabantu abaphakelwa yilolu hlelo.
AbeShoprite bathi zikhona nezinkampani ezinkulu ezilokhu zibambisene nabo yonke le minyaka, okubalwa iTiger Brands, Mars, PepsCo, Fuso nabe- UD Trucks. Lobu budlelwano abugcinanga ngokusiza abahlwempu kodwa kuphinde kwavula namathuba emsebenzi ebantwini abangaphezulu kuka-80.
Omunye wabasebenzi abaqashwa kuqala, uMnuz Dion Raboroko ongumshayeli, uthe lolu hlelo lubuyise ithemba ebantwini abaningi abaswele. "Bangaphezulu kuka-1000 abantu esibaphakela ngosuku futhi nesibalo silokhu sikhulu," kusho uRaboroko.
Imenenja yeThuthukani Care Centre, uMnuz Thapelo Lesufi ithe izingane zihlala zilangazelele ukudla kwasemini. "Umusa wabo kawugcini nje ngokuphakela izingane kodwa babuye bazenzele namaphathi kaKhisimusi, njengoba besanga kwenza singazelele," kusho uLesufi.
UNksz Regina Sekgobela, ongumsunguli woBulamahlo Home & Day Care Centre eThembisa uthe kusukela ngo-2008 bethola uxhaso eShoprite. Ngaphandle kwalaba abangenhla zibalelwa ngaphezulu kuka-500 izinhlangano ezingaphansi kwalolu, izingadi zomphakathi ezingaphezulu kuka-180 ezindaweni ezahlukene kanjalo nezingadi zasemakhaya ezingaphezulu kuka-3 500 nabantu abawu-53 000 abahlomula ngazo. Kuqeqeshwe abantu abawu-2 700 ngezolimo, kwesekwa nezinkulisa eziwu-107 ezinodado abawu-7 151.