NAMHLANJE elamanqamu phakathi komholi wamabhinca, uNgizwe Mchunu noMengameli woMkhonto Wesizwe, uMnuz Jacob Zuma njengoba benemicimbi ebhekwe ngamehlo abomvu.
UNgizwe uhlokoloze izidleke zeziqandu ngokuhlela umcimbi awuqondanise nosuku lokwethulwa kwe-manifesto yoMkhonto Wesizwe Party e-Orlando Stadium, eSoweto namhlanje.
UNgizwe ubize Imbizo YamaBhinca ePeople's Park (ngaseWorkshop), eThekwini ngalolu suku.
Kuyaziwa ukuthi uZuma noNgizwe badabuka eNkandla futhi uNgizwe uze wagqunywa esitokisini ngoba ethi ulwela uZuma.
Nangosuku uNgizwe aphumelela ngalo icala eNkantolo yeMantshi yaseRanburg, eGoli, uZuma wabonakala ezomeseka.
Ngaleso sikhathi uNgizwe ubekhwela edilika kuMengameli we-ANC nakwabanye abaholi bale nhlangano ngoba ebasola ngokucindezela uZuma, kodwa manje usesolwa ngokusebenzela i-ANC ukucindezela inhlangano kaZuma, iMK.
Umholi wosomatekisi kodwa oseyilungu leMK, uGodole, uthe uNgizwe yixoki elithengwe yi-ANC ukuze lidayise umuntu omnyama.
"Mabhinca nonke ngicela ningayi kulo mbhedo, owenziwa yilo ngoba yena ugijimisa isisu, ithumbu liyakhala bese eqeda efaka nina ezintweni zakhe.
“Njengamanje ubaba uNxamalala ufuna ukutakula abantu abamnyama. Yena bamfumbathisa imali ukuthi abantu abaye ePeople's Park.
“Ngiyanicela zingane zakwethu siyogcwalisa i-Orlando Stadium iphuphume ukuze sikhiphe lobukusa, osebenzisa amabhinca ukufeza izinhloso zakhe." UGodole uthe uNgizwe wakwenza lokhu kwi-EFF kodwa ufike kwangqingetshe kwiMK.
NoDkt Anele "King Lucifer" Mthembu uthe uNgizwe akasiye umuntu kodwa yiphixiphixi elingenandaba nekusasa kodwa elicabangela isisu salo kuphela.
Uthe zolo lokhu ubebiza ngaphansi kweziketi zikanina uMengameli weZwe, uMnuz Cyril Ramaphosa ngoba ekhala ngokuboshwa kukaZuma kodwa manje usengaku-ANC, ucindezela uZuma.
"Angicabangi ukuthi kukhona umuntu ongafaka ivoti lakhe kwi-ANC ngoba kusho uNgizwe," kusho umlandeli weMK.
Eziphendulela uNgizwe uthe uyabezwa abantu bekhuluma abakuthandayo ngaye. "Abantu sebekhulume kakhulu, bekhuluma izinto abazithandayo, ngendlela abayithandayo.
“Ngibize Imbizo YamaBhinca nje sasivumelene kusukela ekuqaleni ukuthi uma kufika isikhathi sokhetho, siyovumelana futhi siphinde sikhulumisane ukuthi yikuphi lapho kuyofanele sibaboleke amavoti, hhayi sibaphe noma sibe yingxenye yabo."
UNgizwe usolwe kakhulu ngokubiza uZuma ngexhegu nokuthi ancome uDkt Nelson Mandela ngokuthi waba wumholi we-ANC ihlandla elilodwa maqede washenxa.
Uthe akahoxiswanga futhi akavulanga ispaza shop. UNgizwe uthe e-USA awekho amaqembu amaningi kodwa mabili nje ekubeni kuleli kunenqwaba yamaqembu, okwenza abantu abamnyama baphenduke inhlekisa kwezinye izizwe.
Uthe amabhinca azokuzwa kahle ngoMgqibelo ukuthi ikusasa lawo libhekephi.