BAZOJEZA kanzima abafundi abazobanjwa oqotsheni bekopela ku-matric kuleli njengoba bezomiswa bangabhali izivivinyo ezintathu.
Lesi sexwayiso sikhishwe yizikhulu zoMnyango weMfundo eyisiSekelo, njengoba kuqale ukubhalwa kwezivivinyo zaleli banga kuleli sonto.
Abafundi bayalelwe ukuthi bangalinge bakopele ngoba bazojeza kanzima.
UNgqongqoshe woMnyango uNkk Angie Motshekga, uyale abafundi ngokuthi akusizi ngalutho ukukopela ngoba ngeke uphase ngokwenza lokhu.
Uthe bathole ukuthi abafundi abaningi ababanjwa bekopela basuke bezophasa ukuba abazange bakopele.
“Sinzima isigwebo esibhekana nababanjwa bekopela ngoba bayamiswa ukuthi babhale izivivinyo ezintathu. Phezani ukukopela ngoba akusizi ukumisa impilo yakho kanti ubuzophasa ukuba awukopelanga,” kuxwayisa uNkk Motshekga.
Umfundi ozobanjwa ekopela kulo nyaka, uzoze avunyelwe ukubhala izivivinyo zango-2025.
Okhulumela uMnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bayaya ezinkantolo beyofakaza uma kubanjwe abakopelayo.
Uveze nokuthi kwezinye izikole abafundi baveza iselula eyodwa esalayo uma sekungenwa endaweni yokubhalela wathi bese bengena nenye abangayivezanga abayisebenzisa uma sebekopela.
"Siyakwazi ukubabamba benza lokhu bese bevalwa bemiswa bangakwazi ukubhala. Imiphumela yabo ithathwa njengento engekho uma bebanjwe bekopela.“
UNkk Motshekga uveze ukuthi bazojuba abangu-82 abazoqapha ngelokhozi izivivinyo ezikhungweni ezehlukene.
“Kuzoba nezikhulu zoMnyango nazo ezizoqapha ngelokhozi izivivinyo. Siklelise izikhungo sibheka ukuthi iziphi ezingaba nezehlakalo zokukopela kwabafundi.”
Uthe abanye othisha basiza abafundi uma sekubhalwa njengesehlakalo esenzeka nyakenye eMpumalanga.
Kulesi sehlakalo esithinta abafundi abevile ku-900, uthisha washeshe wavula iphepha singakashayi isikhathi sokubhala.
Kwatonyulwa iphepha elilodwa elakhishelwa ngaphandle kwekilasi okwakubhalelwa kulona layophendulwa ngothisha abafundisa leso sifundo.
“Kwabe sekusizwa abafundi ngezimpendulo kanti bazobanjwa. Iphepha akumele lisheshe livulwe futhi akumele liphumele ngaphandle kwendawo yokubhalela.”
UMnyango uveze ukuthi kwagcina ngo-2020 ukuputshuka kwephepha ku-matric.
“Sethemba ukuthi nakulo nyaka ngeke kube nephepha elizoputshuka ku-matric. Sifuna lihlale liphezulu izinga lokubhala kuleli banga,” kusho uNkk Motshekga.
Uthe basebenza nophiko lwezobunhloli ezweni ukuze kubhekwe ngelokhozi ukuthi akukho phepha eliputshukayo.
Izolo abafundi babhale iphepha lokuqala le-Economics, namhlanje babhala iphepha lokuqala le-Afrikaans.