ISAZI samasiko esingumelaphi wendabuko, uSolwazi Velaphi Mkhize, owaziwa ngelikaVVO, sizokwenza umcimbi wokufundisa ngamagalelo esanusi esasiwumbhali wakuleli ongasekho emhlabeni, uVusamazulu Credo Muthwa.
Elandisa Isolezwe ngalo mcimbi ozokwenziwa e-UKZN ophikweni oluseMgungundlovu, ngoLwesibili ngo-9 ekuseni, okuyiholidi lamagugu esintu, uthe siyisiqalo semicimbi azoyenza ukufundisa abantu ngokwelapha ngesintu.
“Ngiqoke ukuqala ngoCredo (Muthwa) ngoba ngifuna ukuvezela abantu abangawazi amagalelo akhe ukuthi wayehlakaniphe futhi enamandla angakanani okwelapha ngokwesintu. Ngizovezela abantu abangazi ukuthi wayeboniswa futhi engesabi ukuveza ayekuzwa nayesekubonile, okuyiyona nto eyenza waduma umhlaba wonke ngemisebenzi yakhe emihle,” usho kanje.
Uthe lo mcimbi uyindlela yokufundisa abantu ngezinto zesintu nokuthi bazi ngamaqhawe akuleli zwe ayephila eminyakeni eminingi edlule, okusiza ngokuthi umlando wawo ungashabalali.
“Kuwo futhi lo mcimbi ngizokwethula incwadi yami entsha esanda kuphuma esihloko sithi Umsamo: Umelaphi Wendabuko Nokwelapha, ehluba udlubu ekhasini ngokuthi ukwelapha kuyini nokuthi yimiphi imigomo elandelwayo uma uzoqala ukukwenza.
“Ngizokwethula futhi uhlelo lokufundisa ngezifundo zomsamo nokwelapha ngesintu oluthi Umlambomunye VVO Scholarship, engizobambisana kulona ne-UKZN,” kusho uSolwazi Mkhize.
UCredo wazalwa ngoJulayi 21 wango-1921, washona ngoMashi 25 wango-2020. Waziwa ngokuba yisanusi esasiboniswa futhi singenqeni ukusho esikubonile. Wazakhela udumo ngezincwadi okukhona kuyona eyaduma kakhulu ethi Indaba: My Children.