INHLANGANO eqoqa intela kuleli, iSouth African Revenue Service (Sars), ithi isiqoqe uR4.1 billion kubantu abafuna ukunyula imali yabo yempesheni.
Esitatimendeni uKhomishana weSars, uMnuz Edward Kieswetter, uthe ingu-161 607 imiyalelo yokuqoqa intela abayitholile okukhona kuyo ewu-159 853 yalabo abafuna ukunyula imali yempesheni.
Lokhu kusho ukuthi ngosuku iwu-17 964 imiyalelo yokuqoqa intela etholwa yiSars.
“Imiyalelo yokuqoqa intela ithunyelwa ngabaphathi bezikhwama ezihlukene okuyibona abashoyo ukuthi kufanele sithathe intela engakanani kumuntu ngamunye. Abantu abakweleta intela kufanele bakhumbule ukuthi iSars izoyiqoqa emalini abafuna ukuyinyula. Uma benze isivumelwano sokulandela uhlelo oluthile lokukhokha isikweleti imali ezothathwa izobe ilandela lolo hlelo,” kusho uKieswetter.
Uthe uhlelo lokuqoqa intela luyashesha ngoba aluthathi amahora angaphezu kuka-24.
Uveze ukuthi abantu bazokwazi ukuthola ulwazi ngentela okufanele bayikhokhe ngokuvakashela kwi-website yakwaSars naku-whatsapp wayo otholakala ku-0800 11 7277.
Phakathi kwezizathu ezibekwa ngabantu abasuke befuna imali yempesheni kubalwa idivosi, ukufudukela kwesinye isikhwama noma ukudinga imali.
Uthe iSars izokhipha eminye imininingwane ngokuhamba kwesikhathi njengoba isimo sishintsha njalo uma abantu benyula imali yabo.