BAZOWEZWA ngendaba amakhaza asebusika abantu abashelwe yimijondolo eDakota Beach njengoba benikelelwe ngezingubo zokugqoka, ezokulala nokudla yiSantaco KwaZulu-Natal.
UMnuz Yusuf Khaliva oyiPhini likaSihlalo weSantaco eThekwini, uthe ngempelasonto uthole umbiko wokuthi abantu baseDakota bashelwe yizindlu wase ethinta ozakwabo embonini ukuze baphose esivivaneni.
“Sinobudlelwano noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu okuyiwona osithumelele izithombe ezikhombisa inhlekelele eyehle eDakota Beach. Ngithinte ozakwethu kuzo zonke izifunda zeSantaco KwaZulu-Natal sase sihlanganisa sakwazi ukuthenga izingubo zokulala, ama-comforter, izingubo zokugqoka nokudla ukuze sikwazi ukusiza siyimboni. Kusithintile okwenzeke laphaya ngoba abantu abashelwe bangabelungu bethu yibona abasisekayo siyimboni,” kusho uKhaliva.
Ugqugquzele abanye osomabhizinisi ukuthi banikele emphakathini uma kuvela izimo ezinjena ngoba amabhizinisi abo amiswe wumphakathi.
“Besingafuni ukushutha izithombe kodwa kukhona ababonile senza lo msebenzi base bethinta nina. Asifuni ukuduma kabi siyimboni kodwa siyathanda ukuthi umphakathi ubone ukuthi siyathinteka uma kukhona okubuhlungu okwehlile. Siyacela nabanye osomabhizinisi banikelele umphakathi uma kwenzeke izinhlekelele. Wonke amabhizinisi akhona ngenxa yokwesekwa wumphakathi ngakho kubalulekile ukuthi sibuyisele emphakathini,” kusho uKhaliva.
Uthe bayimboni esondele kakhulu kubantu ngakho noma yini ethinta abantu nabo iyabathinta bewosomatekisi.