BONISWA MOHALE
UVULELWE icala lokuphazamisa umthetho wokulwa nenkohlakalo obeyisikhulu sase-Eskom, uMnuz Andre de Ruyter.
UVULELWE icala lokuphazamisa umthetho wokulwa nenkohlakalo obeyisikhulu sase-Eskom, uMnuz Andre de Ruyter.
NgoMsombuluko tambama umfelandawonye wezinyunyana, iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), uvulele uDe Ruyter icala ulandela isigaba 34 somthetho obizwa ngePrevention and Combating of Corruption Activities (Precca).
UNobhalala Jikelele weSaftu, uMnuz Zwelinzima Vavi, uthe okwenze ukuthi bavulele uDe Ruyter icala wukuthi yize eveze ukuthi kunenkohlakalo edla uR1 billion nyanga zonke e-Eskom kodwa akafuni ukuhambisa lolo lwazi emaphoyiseni.
Uveze ukuthi sebeke bamcela ukuthi asize amaphoyisa ophenyweni lwawo kodwa akakwenzanga lokho.
“Sifuna amaphoyisa akhulume noDe Ruyter ukuze awanike ulwazi analo ngenkohlakalo eqhubeka e-Eskom aveze ukuthi yenziwa ngamaqembu emigulukudu ehlome ngezibhamu. UDe Ruyter uveze lezi zinsolo enkulumeni ekhethekile abe nayo nesiteshi sethelevishini esizimele ngoFebhuwari 22 lapho wathi kunezigebengu ezibulala ingqalasizinda ngamabomu, zintshontshe futhi ziqhube inkohlakalo edla uR1 billion nyanga zonke e-Eskom.
UVavi uthe baqale bambhalela incwadi uDe Ruyter bemcela ukuthi aye emaphoyiseni uma kuwukuthi akakaze awabikele ngalezi zinsolo. Babuye bambuza ukuthi kungani engayanga emaphoyiseni ngolwazi analo kodwa akazange abaphendule futhi abakaze bezwe ukuthi useyile emaphoyiseni emuva kokuxoxa nentatheli.
Lesi sizathu uthi yisona esibenze ukuthi basukume bayovula icala emaphoyiseni aseHillbrow izolo, ukuze alandelele lolu daba.
Uthe akufanele ukuthi uDe Ruyter adedelwe ukuthi ahambe nolwazi analo olungasiza amaphoyisa ukulwa nenkohlakalo eholela ekunqamukeni kukagesi.
Ngesikhathi uVavi eyovula icala ubehambisana nabanye abaholi beSaftu.
Akusiyo yodwa iSaftu esicele uDe Ruyter ukuba ayokhuluma namaphoyisa kodwa nezinye izinhlaka.