UNOBHALA Jikelele weSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), uMnuz Zwelinzima Vavi uthe kufanele uhoxiswe umthetho omusha wezimpesheni ngoba ngeke unikeze abasebenzi imali abayidingayo.
UVavi uthe ngesikhathi bephakamisa ukuthi uhulumeni avumele abasebenzi ukuthi bathole ingxenye ethile yempesheni yabo ukuze bakwazi ukuphila babengazitsheli ukuthi kuzodedelwa imali encane bese enye kuthiwe bazoyithola uma sebethathe umhlalaphansi.
“Njengamanje umthetho wezimpesheni onikeza abantu igunya lokuthola ingxenye ethile yemali yabo, obizwa nge-two pot retirement system awubasizi abasebenzi. Asihambisani nalo mthetho ngoba usho ukuthi umsebenzi odiliziwe, oxoshiwe noshiya emsebenzini ngeke athole imali eyanele yokuphila. Sifuna uhoxiswe bese kulethwa umthetho ozosiza abasebenzi ngemali yabo yempesheni hhayi lona obanikeza uR30 000 ongeke ubasize ngalutho,” kuchaza uVavi.
Uthe uR30 000 awanele ukubhekana nobunzima obuthwelwe ngabantu bakuleli ngenxa yokubiza kwempilo, ukunyuka kwemali mboleko, izinkinga zezikweletu, ukushonelwa, ukufundisa izingane nokunye okuningi.
“Asihambisani nokuthi ingxenye eningi yempesheni ihlale esikhwameni esizolinda abantu ukuthi bafike eminyakeni yempesheni. Kudala abasebenzi babefuna ingxenye yempesheni yabo okungenani uhhafu hhayi le okuthiwa bazoyithola. Sasifuna abasebenzi banikwe ingxenye yempesheni yabo ukuze sigweme umkhuba wokushaya isidudla kubasebenzi bakahulumeni ikakhulukazi othisha. Ubuthola ukuthi uthisha uyasula emsebenzini ngoba empintshwe yizikweletu nezinye izinkinga zempilo. Ubethola imali yakhe yempesheni bese ebuyela emsebenzini emuva kwezinyanga ezintathu noma eziyisithupha,” kusho uVavi.
Uthe uhulumeni uthathe izimfuno zabasebenzi wazenza ngendlela yakhe ukuze ajabulise ongxiwa.
“Uhlelo lwezimpesheni olusha oluzoqala ngoSepthemba luzocebisa ongxiwa ngoba bayayilondoloza imali yabasebenzi ezikhwameni zabo ezehlukene. Ithi uma isizala bathole imihlomulo emikhulu kuthiwe amabhonasi okwenza kahle. Abasebenzi abajuluka kanzima besebenzela le mali awukho umcebo abawutholayo futhi manje bazonswinyeka ngenxa yalo mthetho ozobanika amakinati noma ngabe bebhekene nezimo ezinzima,” kuphetha uVavi.