ISABISA ngokuphaka impi iyibhekise kuMengameli Cyril Ramaphosa, inyunyana yothisha iSadtu, ifuna ukumphoqa ukuthi angapholisi maseko asayine uMthethosivivinywa iBasic Education Laws Amendment Bill (Bela Bill).
Lo mthetho usezithebeni zikaRamaphosa njengoba waphasiswa yiNdlu yoMkhandlu weziFundazwe ngaphambi kokhetho.
Akwaziwa ukuthi yini ebambe uRamaphosa ukuthi angawusayini ube ngumthetho.
Ngeledlule ubematasa esayina eminye imithetho kodwa iBela Bill akakayisayini.
UNobhala Jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe sekujwayelekile ukuthi izinto ezithinta imfundo uRamaphosa abe manqika ukusheshe azisayine.
Uthe bafuna asheshise asayine lo mthetho ngoba waphasiswa.
“Simatasa sivukuza amalungu ukuthi siye eziNdlini zoMbuso sifuna asayine lo mthetho. Akucaci ukuthi ulindeni engawusayini umthetho njengoba kade waba setafuleni lakhe,” kusho uMaluleke.
Usho lokhu kulandela isicelo sikaNgqongqoshe omusha weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, othi uzonxenxa uRamaphosa ukuthi ame kancane ukusayina lo mthetho.
Wathi kukhona ezinye izinto asafuna zibuyekezwe ngaphambi kokuba awusayine.
Kuyaziwa ukuthi i-DA, yayiphikisana nokuthi kuphasiswe lo mthetho njengoba yaze yathi izoya enkantolo ngoba ingahambisani nezinye izinto eziqukethwe kuwona.
Okuqukethwe kulo mthetho okukhalisa izinhlangano ezehlukene okubalwa ne-DA, yindaba yamandla anikwe inhloko yomnyango wezemfundo esifundazweni, ukuthi inqume uma isikole sesigcwele.
Lezi zinhlangano zazikhala ngokuthi izigungu zezikole ziphucwa amandla.
Okunye ngukuthi ayikho imali yokuxhasa i-Early Childhood Development, esiyimpoqo ngaphansi kwalo mthetho.
UMaluleke uthe sekuphele iminyaka engu-10, kubhungwa eyeBela Bill.
“Sekuphele iminyaka engu-10, sibhunga ngeyalo mthetho. Yingakho sithi awusayinwe ngoba akuwona umthetho we-ANC, noma we-DA kodwa owabantu bakuleli. Nangesikhathi umengameli kumele asayine umthetho wokuthi abafundi basezikoleni zabaphila nokukhubazeka bathole izinsiza zokubasiza uma befunda, kwathatha isikhathi eside ukusayina umthetho owawuzokwenza lokhu kusheshe kwenzeke. Sifuna into ethinta imfundo ayisukumele ngokushesha.”
Uthe abasabi ukumasha ukuze bamtshengise ukuthi kumele abeke imfundo phambili.