KUGQUGQUZELWA abazali ukuthi bangafakeli izingane ebezifunda u-matric ingcindezi ngokuziqhathanisa nezinye ebezifunda nazo.
ISouth African Depression and Anxiety Group (Sadag), esiza abantu abanezinkinga ezehlukene okubalwa ukusindwa yizimo zempilo, ukhwantalala nezinye izifo zengqondo, ithe ukuqhathanisa izingane kwengeza ingcindezi uma sekuphume imiphumela kamatric.
ISadag ithe ukungaphumeleli komfundi noma ukuthola imiphumela abengayilindele akusho ukuphela kwempilo.
Ithe izoba nezithangami ezehlukene ezinkundleni zayo zokuxhumana ukuze inike abafundi nabazali amasu okubhekana nezingqinamba zokungaphumeleli ku-matric.
Ngaphandle kokululekwa ngamasu okubhekana nesimo sokungaphumeleli umatric, abafundi bazocetshiswa nangezinto okufanele bazenze ukuze baphothule u-matric.
Abafundi abafuna ukuba ingxenye yalezi zithangami bangangena ekhasini leSadag kwiFacebook elithi: @TheSADAG, Instagram: @sadag_official, Twitter: @TheSADAG,LinkedIn @The South African Depression and Anxiety Group,Tik Tok: @sadag_official
ISadag ithe abazali kufanele babe abangani bezingane zabo ukuze uma kukhona uguquko abalubonayo basheshe basukume.
Abazali kufanele basheshe basukume uma izingane zabo sezilala kakhulu noma zingalali nhlobo, uma sekunoshintsho endleleni ezidla ngayo nasemzimbeni.
Ithe ezinye izingane ziqala zibe nokungahlaliseki kahle okuholela ekutheni zize zingalali bese zigcina sezinokhwantalala ngenxa yemiphumela ka-matric.
Iveze ukuthi abafundi basuke bezibuza ukuthi njengoba bengenzanga kahle, ngabe abazali babo bathini.
Icele abazali ukuthi bangasebenzisi amagama okuthi umfundi ufeyilile uma engenzanga kahle kumatric kodwa bamgqugquzele ukuthi avuke azithathe.
Abazali nabafundi abadinga ukukhuluma nomuntu othile bangashayela iSadag ku-080 056 7567 noma bathumele iWhatsApp ku-087 163 2030 kusukela ngo-8 ekuseni kuya ku-5 ntambama.