LIQINISE isikimu salo ePhalamende iqembu Umkhonto weSizwe, ngokuhlabana ngofishi omkhulu osuka kwi-EFF uMnuz Floyd Shivambu, obeyiphini likamengameli kuleli qembu.
Kunezinkulumo zokuthi maningi namanye amalungu e-EFF angase ahambe noShivambu njengoba noMnuz Mzwanele Manyi, okhulumela iJacob Zuma Foundation, elandele uShivambu wajoyina i-MK.
I-MK iqinisa iskimu sayo nje kunezikhala ezingu-18 ezivulekile emva kokuhoxisa amalungu ayo ePhalamende.
Umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Zakhele Ndlovu ozinze eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, nomkhulumeli we-MK uMnuz Nhlamulo Ndhlela, bathe uShivambu uza namava ezepolitiki nobuhlakani obuzokhulisa leli qembu.
UNdlovu uthe i-EFF igqemeke udume ngokushiywa nguShivambu, ongomunye wabasunguli beqembu eminyakeni engu-11 edlule, wathi umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, kumele azinuke amakhwapha ngokuhamba kukaShivambu, kanjalo nabanye abasazohamba.
“UShivambu ubonile ukuthi alikho ikusasa kwi-EFF ehlelwe wukwesekwa yadlulwa yi-MK esanda kusungulwa ngokwamavoti nangokwesekwa. Bekungekho ukukhula kuyena ngoba i-EFF istokfela sikaMalema ngakho ubengeke abe ngumengameli. Uyigqeme ingozi i-EFF ngokuyishiya kanti izuze kakhulu i-MK ngokuyoqinisa isikimu sayo ikakhulu ePhalamende.”
UNdlovu uthe akangabazi ukuthi namanye amalungu okubalwa uMnuz Carl Niehaus, owaziwayo ngokweseka uZuma angashiya noma yinini.
“Noma i-EFF izobakhona kodwa ngeke isakhula. UMalema uluhlaza, akakwazi ukusebenza nabantu. Ushiywe umngani omkhulu wakhe abengazitsheli ukuthi angahamba. Akungimangazanga ukuhamba kwakhe kodwa ngoba kumele ngabe lesi sinqumo kade asithatha,” kusho uNdlovu.
Omunye umhlaziyi uMnuz Nkosikhulule Nyembezi ekhuluma neSABC, uthe ukushiya kukaShivambu nabanye kusho ukukhula kwentando yeningi kuleli.
Uthe uShivambu kunamathuba okukhulisa iqembu i-MK alifake nakwezinye izifundazwe.
“Yisikhathi esinzima lesi obekumele amaqembu angavumi ukulahlekelwa amalungu. Kakade usayosebenza ngaphansi kohlaka lwamaqembu aphikisayo ePhalamende ngakho kufana nokuthi basayokwenza into eyodwa ne-EFF.”
UNdhlela uthe bayabamukela oShivambu noManyi, wathi bazoqinisa leli qembu empini yokukhulula abantu kuleli.
“Bafike ngesikhathi esihle eqenjini lapho siqinisa khona umshikashika wamaqembu aphikisayo. Bazojutshwa ngokwamava abo kanti sibafisela okuhle kodwa ekulweleni abahlwempu,” kusho uNdhlela.
Uthe okwamanje basangamalungu wathi ubuholi abukanqumi ukuthi bazojutshwaphi.
UShivambu uthe asikho isikhundla asanikwe sona, wathi uzosebenza ukunika umkhombandlela kwi-MK.
“Asikho isethembiso enginikwe sona yi-MK sokuthi izonginika isikhundla noma ingijube ePhalamende. Isinqumo engisithathile sithinta mina ngqo, sizoqhuba umshikashika wamaqembu aphikisayo ePhalamende.”