Ukusungula iqembu lezepolitiki kukaDuduzane Zuma kuthathwa njengokwakha umgoga wokukhama iqembu elibusayo i-ANC, hhayi ngoba lizoba nethuba lokuwina ukhetho.
Usho kanje umhlaziyi wezepolitiki ozinze eNyuvesi iNelson Mandela, uSolwazi Bheki Mngomezulu, othe izicagogwana zamaqembu ziqonda kahle ukuthi zizothwala kanzima ukuheha abalandeli - kodwa ubhedu olukhulu ukuketula i-ANC emandleni.
Lokhu kulandela ukumenyezelwa kweqembu i-All Game Changers (AGC), eliholwa yindodana yowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma, uDuduzane.
UMngomezulu uqagule ukuthi i-ACG izohluleka ukuheha abantu njengoba kwenza iqembu elikhankaselwa nguyise, uMkhonto weSizwe. Eqinisweni ubona ekugcineni kungenzeka uDuduzane athasisele emgodleni owakhiwa uMsholozi onhloso yawo ukudlalisa injeje uKhongolose ungawini kalula.
“Inhloso yabo (amaqembu amancane) ukuphazamisa ukuthi kungabi khona iqembu elizowina ukhetho ingcaca. Wonke la maqembu asungulwayo azama ukuphazamisa i-ANC ukuthi ingaluwini ukhetho ngamalengiso. Inhloso ukuthi kungabi khona iqembu elizokuba ungqo-shishilizi,” kubeka uMngomezulu.
“Ngesikhathi kusungulwa uMkhonto weSizwe kwake kwaba namahlebezi okuthi uDuduzane uyena ozoba ngumholi kodwa wakuchitha lokho. Mhlawumbe emva kokhetho bazobuye basebenzisane.”
Umbono kaMngomezulu wesekwe umhlaziyi ozimele uMnuz Thabani Khumalo othe ubona kuzokuba yingcosana ezojoyina iqembu likaDuduzane.
“Abantu baseNingizimu Afrika bazididekele, bacasukile, bafuna amakhaya amasha. UDuduzane uzobathola labo ababili abathathu abazididekele. Nobani nobani uma ezokwethula iqembu elisha, uyaye afike nalo idlanzana labantu abasuke bedidekile,” kusho uKhumalo.
Lo mhlaziyi uthe usola ukuthi okwenze ukuthi uDuduzane angawujoyini uMkhonto weSizwe ukuthi ubesaba ukuthi kungase kwenzeke engemukeleki kahle kule nhlangano.
“Kukhona engike ngakhuluma naye oyilungu loMkhonto weSizwe, wathi bona baseka uZuma ngoba bazi amagalelo akhe. Uthe abawazi amagalelo kaDuduzane.”
Nasezinkundleni zokuxhumana bakhombise ukungayinambithisisi kahle eyeqembu likaDuduzane, abanye bethi bekufanele ajoyine uMkhonto weSizwe.
UKhanyo Mangethe uthe: “Awume kancane ndodana usadinga ukukhula, dedela ubaba wakho enze umsebenzi wakhe.”
UKhehla Lami uthe: “Sazi ubaba wakho wena mfana, thina asikwazi wena.”
USikhanyiso Mkhize uthe: “Ayi khohlwa Duduzane, thina sifuna ubaba wakho.”
USimtholile Simmy uthe: “Asifuni yena sifuna ubaba wakhe.”
USlomo Magci SA uthe: “Usebhayizile ke, bekumele angene lapha kubaba wakhe.”
UDuduzane uthe usezinhlelweni zokwethula ngokusemthethweni i-AGC.
Umqulu wokusungulwa kwe-AGC uveza ukuthi leli qembu lisungulwe emva kocwaningo lweminyaka emithathu lapho khona abaholi balo bebekhuluma nabantu, bezwa izinkinga ababhekene nazo.
Phakathi kwezethembiso ezisemqulwini weqembu, kukhona ukuxazulula inkinga yokucishwa kukagesi, ukwakhiwa kabusha kwezimboni, ukubuyiswa komhlaba, ukudala amathuba emisebenzi nemfundo yamahhala.
“Ngesikhathi sikhuluma nabantu, bebethi ‘siyazazi izinkinga kepha iziphi izixazululo?’ Ingakho ke sibeka phambili izixazululo,” kusho isitatimende se-AGC.