IPHOYISA likaMasipala Ekurhuleni, uConstable Wendel Jonathan, eliwufakazi ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, liyakuphika ukuthi latitinya ummangalelwa wesibili lilekelela abaphenyi.
UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng, ngo-2014.
UJonathan ungufakazi woMbuso owayekhona ethimbeni elaliphelezela izimoto zamaphoyisa uma kuhanjiswa abamangalelwa. Kuvele ukuthi amaphoyisa kamasipala ayevame ukusiza ngokuvula indlela emgwaqweni ukuze izimoto ezihambisa abamangalelwa zingami futhi kuqine ezokuphepha.
Ummangalelwa wesibili, uMnuz Bongani Ntanzi, washaywa evunyiswa icala futhi uJonathan waba nesandla kulokho. Umshushsisi woMbuso, u-Advocate George Baloyi, ubuze uJonathan ngezinsolo abekwa zona ethi akaziphendulele ngazo.
“Kuthiwa wawukhona kuhlukunyezwa abamangalelwa owokuqala nowesibili. Kuthiwa e-Alberton wena waphusha isihlalo semoto sangaphambili, wacindezela ummangalelwa wesibili kabuhlungu. USergeant Mabena wafaka ummangalelwa upulastiki,’’ kusho uBaloyi.
UJonathan ukuchithile lokho wathi akakwazi. UBaloyi uphinde wabuza ngesigameko lapho okuthiwa ummangalelwa wayiswa kwenye indawo wafika waboshelwa esigxotsheni ngozankosi. UJonathan uthe ummangalelwa kwakufanele avule icala uma kunjalo.
Kuphinde kwavela nezinsolo zokuthi ummangalelwa wabanjwa ngogesi kushintshana amaphoyisa. Konke lokhu uJonathan ukuchithile wathi akakwazi. Izolo bekulalelwe ubufakazi bamaphoyisa kamasipala wodwa ededelana ebhokisini.
Kubizwe elinye iphoyisa uConstable Jabulani Dominic Buthelezi, elalikhona kuboshwa ummangalelwa wesibili, uMnuz Muzikawukhulekwa Sibiya.
UButhelezi uthe wuyena owabopha uSibiya, bamqhuba bamuyisa endlini yakhe lapho bafika bathola khona izinhlamvu zesibhamu. Emuva kwalokho kwathiwa akakhiphe isibhamu, wathi sisehostela. Kuvele ukuthi amaphoyisa amqhuba amyisa ehostela kwatholakala ukuthi lowo muntu owanikwa isibhamu washona.
UButhelezi uthe ngesikhathi behambisa uNtanzi eyovuma icala emantshini, yafika yakhuza yababaza indlela ababehlome ngayo bebaningi yabakhuza ithi basabisa ummangalelwa. Uthe emuva kwalokho, baphuma bayolinda kwelinye ihhovisi ngaphandle kwenkantolo.
Ithimba labameli licele ukuthi icala lisheshe liguqe ngoba bebefisa ukuyocubungula esinye isitatimende abathi baphuze ukusithola. Icala liyaqhubeka namuhla.