UBONGE imantshi wathi ihlenge impilo yakhe ngokuthi imncishe ibheyili owayeyisoka lakhe oboshelwe icala lokubulala indodana yabo eyayineminyaka eyisishiyagalombili.
UNksz Nonhlanhla Sibisi ongunina kamufi, uSifundo Sibisi (8), uphawule kanje emuva kokuthi iMantshi L Gurie imnqabele ibheyili uMnuz Siyabonga Innocent Shezi (30).
UShezi uthweswe icala lokubulala uSifundo ngokumshaya nokumklinya ngentambo yesikhindi ayesigqokile ngoJanuwari 13 nyakenye ethi uqhuqha unina.
“Ngijabulile noma kungekhona ukuthi icala seliphelile kodwa ukuthi impilo yamo iyisindisile inkantolo. Inkantolo ibonile ukuthi uyingozi uma ephumela ngaphandle uzosibulala,” kusho uNksz Sibisi emamatheka.
Ube esethi unethemba lokuthi icala lizoqulwa liphele ngesikhathi esifushane ngoba bonke ubufakazi bukhona bese uShezi edilikelwa ijele alapheke emoyeni.
UMbuso uthe uNonhlanhla ubesohlwini lwabantu abebezobulawa uShezi njengoba bese eqalile ngoSifundo.
Abanye okuvele ukuthi amagama abo asohlwini lwabazoyiswa kwagoqanyawo, abangofakazi boMbuso, ngunina kaShezi, ugogo wakhe nodadewabo.
Imantshi ithe uShezi akanayo indawo eqondile ahlala kuyona, uzolibalekela icala futhi uyingozi kofakazi ashaye inkantolo ngemfe iphindiwe wathi akabazi.
“Ubhekene necala elibucayi lokubulawa komuntu okuyingane yakho ngakho uzolibalekela uma udedelwa ngebheyili ngoba uyazi ukuthi lihamba nesigwebo sokuthi udilikelwe ijele uma likulahla. Akusona isizathu esinqala futhi esehlukile ukuthi ufuna ibheyili ukuze unakekele umama wakho futhi uqhubeke nebhizinisi lokudayisa amagwinya noswidi,” kusho imantshi.
Icala libe selihlehliselwa u-Agasti 14 nokuyilapho inkantolo izobeka khona usuku eliyoqulwa ngalo.
UShezi uyaliphika icala wathi izizathu uzozisho mhlazane seliqulwa okwamanje ufuna ibheyili aqhubeke nempilo.
Akakhombisanga zimpawu zokudinwa noma zokudibikibala ngesikhathi imantshi ithi akabuyele ezitokisini inkululeko uyoyithola limthetha icala.