IPHALAMENDE lizophenya ngezinsolo zokuhlukumeza ngokobulili emva kokuthi amalungu ePhalamende e-EFF akhishwa ngendluzula ngaphakathi, ngeledlule.
Okhulumela iPhalamende, uMnuz Moloto Mothapo, uthe uSotshwebhu oMkhulu we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, ufake isikhalazo emva kokuthi oNksz Babalwa Mathulelwa, Noluvuyo Tafeni noNaledi Chirwa, bakhishwa ngendluzula ngesikhathi uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ethula isabelomali sehhovisi lakhe.
Inkulumo kaRamaphosa yaphazamiseka ngoLwesine olwedlule, ngesikhathi amalungu e-EFF ala ukhasha ukuthi akhulume, embiza ngesigebengu.
“UNosiviwe Mapisa-Nqakula utshelwe ukuthi ababhekelela ezokuphepha ePhalamende, oNksz Khunjulwa Sinono noKhaya Honey Vanqa, nabo bahlaselwa, basatshiswa ngamalungu e-EFF ePhalamende, ngesikhathi bezama ukuwakhipha,” kusho uMothapo.
Uthe uNksz Sinono walimala ebusweni emva kokuthi elinyazwe yilungu lePhalamende le-EFF lesilisa. Bobabili abathintekayo, bavulelane amacala esiteshini samaphoyisa eKapa.
Uthe kwaba yisinqumo sokugcina emva kokuthi sekuzanywe zonke ezinye izindlela ukuthi kuvikelwe amalungelo amanye amalungu ePhalamende.
Uqhube wathi eminye yemithetho yePhalamende ithi amalungu akufanele aziphathe ngendlela engamukelekile uma engaphakathi.
“Phakathi kwalokhu, ukuthi akufanele abukele phansi amandla kaNkk Nosiviwe Maphisa-Nqakula, ukungahloniphi imithetho yakhe neyePhalamende, ngesikhathi kunohlelo oluqhubekayo ngaphakathi,” kusho uMothapo.
Uphinde wathi okunye okungavumelekile ukuthi amalungu enze izinsolo ngelinye ilungu ngaphandle kokulandela imigudu efanele, ukusebenzisa amagama anenhlese yodlame kwelinye ilungu kanjalo nokwehlisa isithunzi elinye lungu.