BAPHENDULE ipaki ebeseliyindawo yemilutha yezidakamizwa balenza ingadi yemifino.
Amalungu omphakathi ahlala ehostela eDalton, abeziphilisa ngokubamba amatoho, athi ukuncipha kwamatoho ngemuva kokuhlasela kweCovid-19 kuholele ekutheni bazithole bebhuquza ehostela bengezi lutho.
UMnuz Sthembiso Zungu, ongomunye wabahlala ehostela abaphendule ipaki Davenport Park bayenza ingadi etshala imifino namaherb, uthe uneminyaka emihlanu ehlala ehostela kanti ubengakaze awuthole umsebenzi oqondile, ubephila ngamatoho.
"Ngesikhathi kuneCovid-19 izinto zishintshe kakhulu ngoba bekungasetshenzwa. Thina esibamba amatoho beyingakhulunywa nokukhulunywa eyethu. Ikhansela lethu lisitshele ngohlelo lokushintshwa kwezindawo ezingenzi lutho, eseziphenduke indawo yezigcwelegcwele, zenziwe izingadi noma kwenziwe izinhlelo ezizosiza umphakathi, kuzo obekukhona leli paki. Sakhetha ukuba yingxenye yabazolima ukuze siziphilise," kusho uZungu.
UMnuz Mandla Zonase uthe yize bese ikhonjiwe indawo, bekunzima kubo ukuthi bazoqala kanjani ngoba abanayo imali nolwazi lokutshala izitshalo ezingadayiswa kule ndawo. Ikhansela libaxhumanise nosomabhizinisi bendawo ukuze bathole uxhaso.
Ikhansela le-IFP kule ndawo, uMnuz Mthembiseni Thusi, lithe ukushintshwa kwale paki kuyingxenye yezindlela zokusebenzisana komphakathi nosomabhizinisi ukuze kuqedwe indlala, kungalindwa uhulumeni kanye nokuqeda izindawo ezigcina sezisetshenziswa ngendlela okungeyona ewadini.
"Sizama ukusiza umasipala ngokuthi izindawo ezikhona zisebenze, zingagcini ziphenduka izidleke zobugebengu," kusho uThusi.
UMnuz Ian Gillies, woMbilo Business Association (UBA), uthe le nhlangano yosomabhizinisi inohlaka lokusiza umphakathi abalubiza ngoBuntu okuyilona olusiza abantu ukuthi bakwazi ukuqala izinhlelo ezizobaphilisa. Uthe lolu hlaka lusiza abantu bomphakathi abangasebenzi ukuze bazivulele amathuba omsebenzi
Uthe kulolu hlelo lwezingadi basebenzisana nenhlangano, iBioregional South Africa, okuyiyo ebanikeza amakhono okulima nokubasiza ngemakethe.
UNkk Sarah Alsen wale nhlangano uthe uke wasebenzisana nabahlala emakhaya ababekhoseliswe umasipala ngesikhathi kuneCovid-19, abavule ingadi ngemuva kwehhotela, iLangeni, yaba yimpumelelo okwenze ukuthi babone ukuthi izindawo ezikhona edolobheni zingakwazi ukukhiqiza imikhiqizo engadayiswa bese leyo miphakathi ikwazi ukuziphilisa.
“Sifuna ukwenza inhlangano exhumanisa bonke abalima edolobheni, sibafundise ukutshala kungasetshenziswa amakhemikhali nokuthi umquba uwenza kanjani kusetshenziswa imfucuza okungaba utshani, ukudla namaqabunga,” kusho uNkk Alsen.