INYUNYANA yabasebenzi beSouth African Revenue Service (Sars) iPublic Servants Association (PSA), ayineme neze emuva kokuthi iSars ihoxise uR430 million obuzosiza abasebenzi.
Le mali ibizoba wumhlomulo ozokhokhwa kanye bese amaholo wona enyuswa ngo-1.39%.
UMnuz Reuben Maleka okhulumela iPSA, uthe njengenyunyana emele abasebenzi abangaphezu kuka-5 200 eSars, abaneme neze ukuthi le nhlangano eqoqa intela isiwuhoxisile uR430 million ebewubeke etafuleni.
Uveze ukuthi iSars isibeke uR70 million ozoba wu-1.39% kuphela.
“Le mali ayifiki ngisho kuR200 ngenyanga. Kuyasicacela ukuthi iSars ayizi ezingxoxweni ngesihle, ibisebenzisa uR430 million obuzokhokhwa kanye ukuqeda lesi siteleka. Sicelile ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali ukuba angenelele ngoba izinga lokuphila linyukile, u-1.39% ngeke ubasize ngalutho abasebenzi,” kusho uMaleka.
Uthe kuyimanje ilitha likaphethroli liwuR24, ukudla kunyukile, imali yokugibela, ugesi nezinye izidingo zansukuzonke.
“Njengamanje simatasa nezinhlelo zesiteleka esizomisa yonke into eSars, kuze kube babuyela kuthina nesiphakamiso esingcono. Siyacela izikhulu zaseSars zibuye nesiphakamiso esingcono ngoba abasebenzi bebezikhandla, beqoqa kahle intela. Asazi ukuthi kungani kunzima ukubenyusela amaholo ngemali engcono?” usho kanje.
Kolunye uhlangothi, iNational Education Health and Allied Workers Union (Nehawu), ithe siyaqhubeka isiteleka saseSars ngesikhathi isaxoxa nomqashi.