AMAPHOYISA asezithendeni zenyanga uMnuz Andile “Dr Mkhulu’’ Dlamini/Nkomonde yaseMakwakwa eNgwavuma, esolwa ngokusongela uMnuz Thabo Khanyile, obengumqaphi wayo, ithi izomthumba imbulale.
UDr Mkhulu uke waba sematheni ngesikhathi eqeqebula emsakazweni uKhozi FM, ethi unezilwane athwele ngazo, esinye igama laso uMashilamu.
UKhanyile uthi wayengumqaphi kaDr Mkhulu ngo-2022 kodwa washiya ngenxa yokuthi wayenganeme ngezinto ezithile, kwaba nemali ewu-R4 500 esalayo ngakuyona inyanga.
“Bengihlala ngimfonela ngifuna imali yami, elokhu ethi angimsendele iWhatsapp, angibhlokhe. Ngigcine ngimsendela umyalezo ngithi ngizoya enkantolo. Kulapho efone khona wathi uzongithumba angibulale ngingaziwa ukuthi ngashonaphi,’’ kuchaza uKhanyile.
Kwenzeka lokhu nje uDr Mkhulu phambili uke waboshelwa icala lokuthumba abantu abadabuka eSwatini.
UKhanyile uthe selokhu asongelwa uzizwa engaphephile ngoba uhamba ejeqeza, usaba ukuthi uzokwelekwa ngesoyi. Uthe yingakho udaba eze walubika emaphoyiseni ukuze luphenywe kabanzi, ithathelwe izinyathelo inyanga.
UDr Mkhulu ethintwa ngalolu daba, uvumile ukuthi uyamazi uKhanyile kodwa umthatha njengomuntu ogula ngekhanda nje. UDr Mkhulu uthe amaphoyisa aseke amthinta afuna ukumbona ngalolu daba.
“Kwafika kuzofuna umsebenzi lokho. Ngase ngithi umqaphi wami akakuqeqeshe. Kwahlulwa wukusebenzisa isibhamu. Ngakuxosha. Akuphili kahle ekhanda. Sekuhamba kukhuluma ngami yonke indawo.
Mina ngingahlulwa wukukhokha u-R4000? Izinto zibhalwa phansi kube nezinkontileka uma ngiqasha umuntu,’’ kusho uDr Mkhulu.
Ushwabule ngokuthi uzobhekana naye uKhanyile ngoba usekhathele wuyena ehamba ekhuluma ngaye, ethi uyamkweleta. Uthe ngabe uyamsasazela ngabameli kodwa uKhanyile akanalutho
Uthe yena unemali yakhe, ugqoka izinto ezibizayo futhi uhamba ngezingqovungqovu zezimoto, ngeke ahlulwe yimali encane kangaka. Uthe empeleni wuKhanyile okweleta yena ngoba kunemali amnika yona ngaphambi kokuqala umsebenzi.
“Ngamnika u-R2 500 ngoba wayekhala ethi akanalutho ufuna ukuthenga izimpahla ezimnyama zomfaniswano. Wuyena okweleta mina. Ngiyayifuna leya mali,’’ kusho uDr Mkhulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe lukhona udaba olubikwe wuKhanyile abalusebenzayo bengamaphoyisa.
“Amaphoyisa aseDurban North aphenya udaba lwezinsolo zokwesabisa emuva kokuthi owesilisa esatshiswa wowayengumqashi wakhe ngokumthumba ambulale,’’ kusho uCol Netshiunda.