IDIDEKILE intokazi yaseNquthu, ngesenzo sikayise oyinyanga. Kuthiwa uyise kaNksz Noluthando Hlophe (25), wenqabe izinkomo zamalobolo, wathi ngeke azamukele ngoba ziphuma kumkhwenyana ‘osindisiwe.’
Elandisa ngesenzo sikayise uMnuz Dumisani Hlophe (64), uNksz Hlophe, uthi sekuphele iminyaka emibili uyise emtshela ukuthi akakuthandi ukuqomana kwakhe nesoka lakhe, uMnuz Sithembiso Mkhize (35). Wathi udinwa wukuthi isoka lisindisiwe ekubeni yena uyinyanga futhi enesigodlo.
“Okungixakayo ukuthi ubaba ngamtshela ukuthi uSithembiso uzofika azoletha izinkomo zamalobolo. Waqala waphika wathi ngeke azamukele izinkomo zomfana osindisiwe. Umama wamncenga, waze wavuma,’’ kuchaza uNksz Hlophe.
Kuthe sebefika abakhongi ngosuku lwamalobolo, wabangenisa wase ebatshela emehlweni ukuthi kabaphindele emuva nemali yabo akayidingi imali yabantu abasindisiwe.
“Namanje angikayikholwa lento eyenziwe ngubaba. Ngiyazibuza, ngiyaziphendula ukuthi ubavumeleleni ukuthi beze kwasekuqaleni? Ngabe kungcono ukuba ushilo ukuthi akawujiki umqondo wakhe kunokuthi angibukanise nabantu njengoba enzile,’’ kubalisa intokazi.
Isolezwe ngoMgqibelo litholile ngomthombo walo ukuthi uHlophe ukhala ngokuthi akukho okuhambisanayo phakathi kwezinkolelo zakhe nomndeni wakwamkhwenyana, abathi basindisiwe.
Iphephandaba lixhumane noMnuz uHlophe wavuma ukuthi ubaxoshile abakhongi. Ulimise ngesihloko elokuthi akazisoli ngesenzo sakhe. Uthe into uma ekholelwa kuyona kusuke kungekho umuntu osengaqala phansi amguqule umqondo.
“Angizenzisi, angiyifuni ngampela lento yokuthi ingane yami ishade nalo mfana. Ngamtshela naye undodakazi wami kodwa benonina bakhetha ukuphikelela bengincenga,’’ echaza uHlophe.
Uthe ingane uma ikhishwa ekhaya kunosiko lwakhona okumele yenzelwe lona. Wabuza ukuthi konke lokho kuzokwenzeka kanjani uma kuya ngokuthi umakoti uya kubantu abasindisiwe?
“Okokuqala nje, uma esephuma umtanami kumele ngiguqe ngibikele amadlozi alapha ekhaya ukuthi umntwana useyaphuma. Pho lokho ngizokwenza kanjani uma ngibika ngabantu bona abangakholelwa edlozini? Lento ngiyibona ingamanzi nopharafini nje kwaphela,’’ usho kanjena.
Isoka litshele Isolezwe ngoMgqibelo ukuthi alithandi ukukhuluma ngodaba ngoba limphatheke kabi. Lithe belingazi ukuthi ukuvuma uJesu njengeNkosi nomsindisi kuyisono kwabanye abantu abakholelwa emadlozini.
Isazi kwezamasiko uSolwazi Sihawu Ngubane, sithe inyanga iqinisile njengoba ikholelwa emadlozini nje kusho ukuthi ngeke ivumelene nokuthi indodakazi igane umuntu othi usindisiwe.
Uthe uma kuganiselwana miningi imikhuba eyenziwayo efaka phakathi ukuhlatshwa kwezilwane. Wabuza ukuthi lo osindisiwe uyahambiselana yini nakho? Uthe kungenzeka ukuthi inyanga ivikela izinxushunxushu ezingenzeka uma laba ababili sebesemzini wabo.
“Angithi lo omunye ukhuliswe yinyanga ekholelwa edlozini. Lo omunye kolunye uhlangothi ukholelwa kuJesu. Inyanga ibona ukuthi kuzoba nenkinga uma sebesemzini wabo,’’ usho kanje uSolwazi Ngubane.
USolwazi wenze isibonelo ngencwadi athe itholakala ebhayibheleni ethi: “Ningaboshelwa jokwelinye nabangakholwayo.”
Lesi sahluko uthe ngokwakhe sichaza ukuthi kumele kuganane abantu abasuke bevumelana nangokwezinkolo.