ZILULELWE isikhathi sokufaka izicelo zokuxhaswa ngemali yokufunda izitshudeni ebezingakazifaki lezi zicelo esikhwameni, iNational Financial Aid Scheme (NSFAS).
Abalesi sikhwama baphinde bavula nethuba lokuthi labo abebengalutholi uxhaso kulesi sikhwama, ngoba abazali babo behola kakhulu abaziwa nge-missing middle, bafake izicelo ngaphansi kohlelo olusha.
Bekumele luvalwe ekupheleni kukaJanuwari uhlelo lokufakwa kwezicelo.
Lesi simemezelo senziwe emuva komhlangano webhodi leNSFAS nenhlangano emele imikhandlu yezitshudeni emanyuvesi, iSouth African Union of Students’ (SAUS).
Ibamba likasihlalo weNSFAS, uSolwazi Laurens Van Staden, lithe kulo mhlangano kuvunyelwene ngokuthi kwelulwe isikhathi sokufakwa kwezicelo zoxhaso kuze kuvalwe ngoFebhuwari 15, 2024.
UVan Staden uthe namhlanje kuzovulwa ithuba kulabo abebengaxhaswa yilesi sikhwama ngoba abazali babo behola kakhulu abaziwa nge-missing middle
“Sizovula nethuba kulabo abebengalutholi uxhaso kanti izicelo zoxhaso zizokwamukelwa kuze kube uFebhuwari 15, 2024. Labo abesebevele befake izicelo zoxhaso, asikho isidingo sokuthi baphinde bafake ezintsha.”
Uveze ukuthi labo okuzotholakala ukuthi abalutholi uxhaso lomfundaze weNSFAS bazongena ngaphansi kohlelo lwe-missing middle, abazobolekwa kulo imali yokufunda.
Udalule ukuthi ukuze uthole uxhaso ngaphansi kwe-missing middle kudingeka abazali bakho bahole umholo osuka kuR350 000 kuya ku-R600 000 ngonyaka uma usuhlanganisiwe.
Uveze nokuthi u-70% wabazobaxhasa ngokohlelo olusha kumele benze izifundo zesayensi, ezobuchwepheshe kanjalo nemaths.
“Sikhumbuza izitshudeni ezifaka izicelo ukuthi kumele zisayine ifomu ukuze sikwazi ukubheka ulwazi ezisinika lona ukuthi luyiqiniso. Sizobe sifuna ukuthola izinto ezifana nomholo wabazali nezinye izinto.”
Kuvele ukuthi lesi sikhwama sithole izicelo zoxhaso ezingu-1.7 million kulo nyaka.
Kulezi zicelo abangu-940 682 sebelutholile uxhaso, abangu-269 915 balinde ukuthi kucutshungulwe ulwazi abalulethile.
U-48 643 uzihoxele, kwathi abangu-232 559 basalinde izimpendulo.
“Abangu-136 531 bagcine bengaqhubekanga nezicelo. Sichithe izicelo ezingu-102 201 kanti abangu-1 093 basafake izikhalazo.”
Umengameli weSAUS, uMnuz Yandisa Ndzoyiya, uthe bavumelene ngokuthi luqhubeke uhlelo lokuphendulwa kwabafake izicelo.
Uthe kulo mhlangano kuvele nokuthi ohlelweni lweNSFAS kubhaliswe ukuthi ingu-40 522 imibhede ekhona emakolishi amakhono kuthi emanyuvesi ibe ngu-72 241.
“Izikhungo zizokwazi ukungena ohlelweni lweNSFAS ukubona ukuthi mingaki imibhede esele. Sivumelene ukuthi ngesonto elizayo sizoba nesithangami sabezindaba neNSFAS ukuze sichaze ngezinto ezithinta imali efakelwa izitshudeni.”