BAYIPHOSELA inselelo indaba yokupeqululwa komjondolo kammangalelwa wokuqala, uMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya, kwelokubulawa kukalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa ngo-Okthoba 26, 2014, eVosloorus.
Kuvela ukuthi ngesikhathi amaphoyisa epeqelula umjondolo kammangalelwa, agcina ethola izinhlamvu zesibhamu.
U-Advocate Zandile Mshololo, ongummeli kammangalelwa wesihlanu, uMnuz Fisokuhle Ntuli, ubepheka ngemibuzo ufakazi ophambi kwenkantolo izolo, uConstable Jabulani Buthelezi.
Uthe uButhelezi nozakwabo ngesikhathi befika lapho okwakuhlala khona uSibiya, babephethe incwadi egunyaza ukuthi bambophe kuphela.
“Kwakumele nimbophe bese niya naye esiteshini angithi?” kubuza uMshololo.
“Mina engangikwenza, ngangilandela umseshi,” kusho uButhelezi.
UMshololo uthe yize kunjalo, ngokwephepha ababeliphethe, babegunyazwe ukumbopha kuphela, hhayi ukusesha.
“Unalo ulwazi ngephepha eligunyaza ukusesha?” kusho uButhelezi.
UButhelezi ebalekela ukuphendula umbuzo ngendlela eqondile, uthe babengayile ukosesha.
“Naseshelani pho?” kubuza uMshololo.
UButhelezi uphendule ngelithi izinhlamvu zatholakala ngesikhathi bengene endlini kuyocinga umazisi kaSibiya.
UMshololo ubuze ukuthi babengamtsheli ngani azithathele uSibiya umazisi, uButhelezi wathi ngeke kudedelwe umuntu oboshiwe ukuthi azenzele noma yini.
UMshololo uphethe ngokuhlaba ukutholakala kwezinhlamvu kulandela ukuseshwa komjondolo ngaphandle kwemvume egunyaza lokho.
Umshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi, uthe nakuba kunjalo, kuyenzeka kwamukeleke ukusesha kwamaphoyisa engaliphethe iphepha eligunyazayo.
Ngaphambi kwalokho, uMshololo ubuye wasola uButhelezi ngokuthi babopha uSibiya bengamchazelile ngamalungelo akhe.
UButhelezi uthe lokho akulona iqiniso ngoba yena wamchazela amalungelo akhe ngesikhathi embopha.
UMshololo ukuphikisile lokho, wathi ngokwephepha elibhalwe phansi lasayinwa uSibiya, kukhombisa ukuthi amalungelo akhe bamchazela wona ngoMeyi 31, 2020, ezintatha ekubeni bembophe ngoMeyi 30, 2020 ngezikhathi zasemini.
UButhelezi uthe yena wamchazela ngesikhathi embopha uSibiya amalungelo akhe, wathi ukuthi phansi kuvela ukuthi wawachazelwa ngakusasa ezintatha yena eboshwe ngayizolo akusho ukuthi akawachazelwanga.
UMshololo uchithe leyo mpendulo ngokuthi into enobufakazi ile ebhalwe phansi, le uButhelezi athi yenzeka abukho ubufakazi bokuyisekela.
Ubuye wambuza ukuthi wayelokhu ekhona sonke isikhathi kusuka eboshwa emini uSibiya kuze kuba ufakwa esitokisini ezintatha ngakusasa, uButhelezi uvumile.
“Kwakwenzekani sonke lesi sikhathi?” kubuza uMshololo ngokumangala.
UButhelezi uphendule ngokuthi abaphenyi babematasa bephenya.