INKOSIKAZI kaNgizwe Mchunu owayengumsakazi woKhozi FM, uLindi Khuzwayo, isiphumele obala yacacisa nge-video yayo ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngokufuna omunye umyeni.
Exoxa neSolezwe, uMaKhuzwayo uthe abantu abakuqondanga abekusho ngenxa yokuthi ukhulume esemoyeni wedlozi. Uthe kwakhona ukuthi ukhulume ngale ndlela abantu abayiqonde ngayo inkulumo yakhe, akazikhumbuli eyisho kodwa konke abekusho ubekuyalelwa yidlozi.
"Ngenxa yokuthi abantu abakuqondi ukusebenza kwedlozi bazitshele ukuthi ngithi ngifuna omunye umyeni phezu kukaMacingwane (uNgizwe),“ usho kanje.
“Empeleni akunjalo kodwa sekunesikhathi ithongo lingitshela ukuthi lingifunela omunye umyeni ukuze ngale uMacingwane ngoba akangeseki emsebenzini wami wedlozi. Ukungalilaleli yikhona okwenze ukuthi lingihlambalaze kanje. Kwa-video le okuthiwa bengikhuluma kuyo angikaze ngiyibuke kodwa ngizwe ngabantu ngento okuthiwa ngiyishilo.
“Uma kungukuthi lingitholela umyeni lo elithi lingifunela yena kuzobe kusho ukusala kukaMacingwane. Naye kudala ngimtshela ngesikhalo sedlozi elingiphethe ukuthi lingifunela umyeni ngoba yena akangeseki. ”NgokukaMacingwane yena akukho abona kuphambene ngoba sihlala sindawonye ngaso sonke isikhathi sihamba naye kodwa izindlela esizihamba naye azinamsebenzi walutho edlozini enginalo. Akungoba ngingasamthandi kodwa uchithwa yithongo lami," kusho uLindi.
Uthe yena unomsebenzi omkhulu wedlozi njengoba ephinde afembe okuyinto angakutholi ukwesekwa ukuyenza njengoba behlala behla benyuka noMchunu.
Uthe abanye abantu abayizangoma njengaye bayiqondile inkulumo yakhe njengoba kukhona abamfonele beveza ukuqonda akushoyo. Abamgxekayo uthe kungenxa yokuthi abazona izangoma futhi ababuqondi ubungoma.
Uthe ngeke amphendulele uMchunu ukuthi uke athini uma emtshela ngesikhalo sedlozi lakhe ngaye kodwa kungathintwa yena aziphendulele.
UMchunu ubhoke ngolaka ethintwa wathi akakhulumi nabezindaba ngoba bazombuza umbhedo.