INKOSI yaseMachunwini, eMsinga uNgangendlovu Mchunu, iyaziqhelanisa nokuba yingxenye yabebehambele inkonzo yomngcwabo yobeyiMeya yaseCity of Joburg eGoli, uMnuz Jolidee Matongo. INkosi ithe beyingekho kulo mngcwabo obuseFinetown Hall, eGoli ngoLwesihlanu olwedlule. Kuzokhunjulwa ukuthi kule nkonzo omunye wabangani bakamufi, uMnuz Dada Morero, uthe lo mngcwabo ubuhanjelwe nayingxenye yomphakathi waseMachunweni ngenxa yokuthi uMantongo ubezalwa yisithole sakwaNkala kule ndawo. UMarero ube esebingelela nenkosi yaseMachunwini.
Inkosi ithe isizwe sayo aseneme ngokubandakanywa kwenkosi nomngcwabo ngoba beyingekho.
"Bengingazi nokuthi imeya beyizalwa yisithole sakwaNkala eMachunwini. Bekungenankinga uma umndeni wakwaNkala uyongcwaba ilungu lawo." Ithe yona selokhu yazalwa ayikaze yalubeka olwayo unyawo emingcwabeni ngenxa yokuthi iyinkosi yoHlanga.
"Angivumelekile ukuhambela umngcwabo. Ngisho ngabe ngumngcwabo wengane yami noma kankosikazi wami, angiyi. Ngiyacela impela lelo phutha lilungiswe ngoba lingiveza kabi esizweni." Isolezwe liyaxolisa kakhulu kuNdabezitha nasesizweni saseMachunwini ngombhalo oveze kwasengathi iNkosi beyiyingxenye yabantu ebebehambele lenkonzo.
UMatongo (46) ushone engozini yemoto eyenzeke emehlele ukuyogqugquzela ukuba babhalisele ukuvota eSoweto ngoMgqibelo.