UKUNYUKA kwezinga lokuphasa kukhuphule ithemba ngobungcono bempilo eMsinga ebidume ngezigameko zodlame.
Lokhu kuvele ngesikhathi kuklonyeliswa izikole ezenze kahle kuMatric wango-2023, iMsinga Matric Excellence Awards ngoLwesihlanu.
INkosi Ngangendlovu Mchunu yasemaChunwuni, ithe okwenziwa yizikole zakule ndawo kubenza baziqhenye bengamakhosi ukuthi uMsinga ngeke usabukelwa phansi.
"Phambilini uma kucatshangwa uMsinga, abantu bebezibonela indawo yempi. Ayikho into ebikhulunywa ngaphandle kokuthi kuyaliwa, kufe nabantu kungekho okuhle esingakhuluma ngakho. Manje sibona kuguquka konke lokho njengoba kunezikole ezenza kahle ngalolu hlobo eMsinga.
Yize zidonsa kanzima ngenxa yokushoda ngezinsiza kodwa ziyaqhubeka, okwenza siziqhenye ngezemfundo eMsinga. Siyabonga nakothisha ngokuzimisela kwabo ukuthi izikole zikhiqize imiphumela emihle ngalolu hlobo," kusho iNkosi uMchunu.
Ukuklonyeliswa kwabafundi baka-matric kuqale ngo-2017 eMsinga. Uhlelo lokuklomelisa abafundi nezikole ezenze kahle lwasungulwa wuMasipala waseMsinga noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ngengenhloso yokugqugquzela imfundo endaweni eyayidume kabi ngempi yezigodi.
Kusuka lwaqala uhlelo lubukeka luthela izithelo njengoba elokhu enyukile amaphesenti okuphasa endaweni.
Kulokhu izikole zasendaweni ziphase ngo-87% okuyisibalo esiphezulu uma kuqhathaniswa neminyaka edlule, okwaqala ngayo ukuklonyeliswa kwabafundi nezikole.
Ngisho nezikole zendawo nabafundi sezihlala zisemqhudelwaneni wokwenza kahle, ukuze zibeke uMsinga ebalazweni nokuthi zigqame kule ndawo.
IMacingwane High isalokhu iziholile kusuka lwaqala uhlelo lokuklonyeliswa kwezikole ngokuba nemiphumela emihle ukuzidlula zonke.
Okuphinde kujabulise ngalesi sikole wukuthi uthishanhloko, uMnuz Sizwayinkosi Dlamini osiphethe ungomncane kunabo bonke ezikoleni zendawo futhi udabuka khona eMsinga.
IMeya yaseMsinga, uDkt Felinkosi Sikhakhane, ithe izikole zaseMsinga zibanika ithemba ngendlela ezenza ngayo kwezemfundo.
"Indlela ezenza ngayo izikole zaseMsinga zenza sisho ngokungahlonizi ukuthi silindele u-90% emiphumeleni ka-matric ka-2024. Ukunyuka kwamaphesenti okuphasa kule ndawo kuyinkomba yokuthi izikole zizimisele ngezemfundo.
Sizoqhubeka nokuzeseka ngayo yonke indlela ukuze uMsinga ugqame ngezemfundo. Nabebeyibukela phansi le ndawo, sifuna babone ukuthi akusenjengakuqala," kusho uDkt Sikhakhane.
Umfundi waseMsinga High, uMvelo Phungula othole o-distinction abayisithupha ku-matric ka-2023, uthe okumjabulisa kakhulu wukuthi uyabona ukuthi amaphupho akhe azofezeka. Uthe usemukelwe ukuyofundela ubudokotela eStellenbotch University.
UMsinga High lapho bekufunda khona uMvelo ungesinye sezikole ebesisalele kakhulu ngemiphumela ka-matric, obekwenza sibe yihlaya endaweni kodwa muva nje naso sigila izimanga ngokuphasa.
Izikole nabafundi baklonyeliswe ngezindondo, izitifiketi, zanikwa nezipho okungama-laptop, isichazamagama, ama-pverhead projector namasheke okuthenga izincwadi zesikole.