SEKUQUBUKE impi yamazwi phakathi kwabaholi be-ANC nabe-IFP kulandela ukugqenywa izingozi kwamalungu e-ANC abehambele umcimbi wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo.
I-ANC yenze izinsolo zokuthi amalungu alimale emcimbini obuKwaCeza, ashaywe ngamalungu e-IFP. I-ANC ithe amalungu ayo ahlaselwe amalungu e-IFP aqhamuka ehostela.
Kepha i-IFP iyaziphika lezi zinsolo ethe azinabufakazi, isabisa nokubika udaba kwinhlangano eyengameli ukhetho, i-Independent Electoral Commission.
Amalungu e-ANC ayisishiyagalolunye aphuthunyiswe esibhedlela kukubi, emva kokuthelekelwa abantu abebephethe izinduku.
Oyedwa kuthiwa ubusesimweni esingagwinyisi mathe, emva kokuquleka.
Ezinkundleni zokuxhumana kusabalale izithombe ebezikhombisa amalungu e-ANC ebhandishile emakhanda. Kunezwi eliqoshiwe elisabalale ezinkundleni zokuxhumana, ebelibabaza isihluku.
“Sihlalo, uma ikhona indlela awuzame ukuyibika kubuholi besifundazwe le nto. Sesibulewe nenduku, isisibulele Inkatha ngenduku lapha KwaCeza. Amaqabane amaningi asefile induku, asesibhedlela kuyimanje.”
Lesi sigameko senzeke umcimbi usuphelile, izicukuthwane okubalwa kuzo iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini noMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, bese behambile.
Ezinye izicukuthwane bezisadla endaweni ebezihlelelwe yona, kanti amalungu omphakathi wona abesahleli etendeni, ejabulela izingoma ebezidlala emsakazweni.
Osinde kulesi sigameko ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa, uthe bathelekelwe iviyo elifike kamumva, umcimbi usuphelile.
“Amabutho abengasekho, abesesendaweni abehlelelwe yona ngesikhathi kwenzeka isigameko. Laba bantu bafike ngamakhumbi, begqoke izikibha ezimhlophe nezibomvu. Bafike bashaya abantu abebefake izikibha ze-ANC. Bebeqinisa kakhulu ekhanda.”
Okhulumela i-ANC kuzwelonke, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe bafuna amaphoyisa aphenye ngokuhlaselwa kwamalungu enhlangano yabo.
“Kuyadumaza ukuhlaselwa kwamalungu e-ANC emva komcimbi obe impumelelo. Siyazi ukuthi kunemizamo yokuqeda udlame lwezepolitiki KwaZulu-Natal. Kufanele kubhekwane nalabo abasabhebhezela udlame. Sithanda ukukhumbuza labo abasagqugquzela udlame ukuthi udlame saluqeda ngo-1994. Sinxusa abantu baKwaZulu-Natal ukuthi baziqhelelanisa nalabo abagqugquzela udlame.”
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe i-ANC ibathela ngodaka, wathi ithuswa yimpumelelo yabo.
Uthe kufanele kusolwe uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, ngokwedelela isihlalo sobukhosi bukaZulu emcimbini wangoMgqibelo.
“Thina kade sinomcimbi wokwethula izethembiso zokhetho obe yimpumelelo. Siyaqhubeka nokunqoba izinketho zokuchibiyela. Ukukhula kwe-IFP kuyabatatazelisa. Okunzima ukuthi noDuma ngapha naye wenza okubheke eceleni. Ukhombise ukungasihloniphi isihlalo nomengameli wabo. Benza izinsolo ngaphandle kokuletha ubufakazi.”