IZIHLATHI zivakashele izindlebe kubalimi bakamoba KwaZulu-Natal njengoba inkantolo ithe kwakungafanele iTongaat Hulett neGledhow Mill behlise intengo yethani likamoba ngoR400.
USihlalo weSA Canegrowers Association, uMnuz Andrew Russel, uveze ukuthi ukuncishiswa kwethani likamoba ngoR400, kusho ukuthi abalimi balahlekelwa wuR1.5 billion okwakufanele bawenze ekupheleni kukaMashi kulo nyaka.
Ngokusho kweTongaat Hulett nababhekele ukuhlengwa kwayo, ukuncishiswa kwethani likamoba kwakuhambisana nesimo ebhekene naso sokungabinemali.
ITongaat Hulett yangena ohlelweni lokuhlengwa kwebhizinisi ngo-Okthoba ngonyaka odlule, emuva kophenyo olunzulu olwaveza inkohlakalo eyayiqhutshwa ababeyizikhulu zale nkampani.
Ngonyaka odlule abalimi bakamoba abakhokhelwanga ngesikhathi imali yabo, ababehambise umoba ngoSepthemba baze bakhokhelwa ngoNovemba ngonyaka odlule.
URussel ubonge inkantolo ngokuthi ivune abalimi. Wathi ukube iTongaat Hulett iyona ephumelele ngabe abalimi bazohlala ezikweletini.
Uthe lokhu bekuzobuyisela emuva imboni kamoba nezivumelwano ezenziwa kudala ukuze kuthuthukiswe le mboni.
Kulindeleke ukuthi isigwebo sikhishwe nguMsombuluko. URussel uthe bazosifundisisa kahle ngaphambi kokuthi baxoxe nababhekele ukuhlengwa kweTongaat Hulett.
Ubalule ukuthi kubalulekile ukuthi lolu daba lusheshe luxazululwe ukuze abalimi, abagaya umoba nezinye izinhlaka ezikule mboni bathole imali yabo. Lokhu uthe kuzosiza ukugcina imisebenzi nokuthi imboni iqhubeke nokuthuthuka.