UKELLY Khumalo kukhona lapho athola khona ucingo olwaluvela komunye wabasolwa ababhekene necala lokubulawa kwesoka lakhe elalingunozinti weBafana Bafana neOrlando Pirates uSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvezwe yiphoyisa uColonel L Steyn, elinguchwepheshe wamaselula, lingufakazi oqale ukwethula ubufakazi bakhe ngezikhathi zantambama izolo.
USteyn utshele inkantolo ukuthi ubufakazi bamaselula buveza ukuthi UKelly wathola ucingo olwaluvela kufakazi wesihlanu ecaleni uSfisokuhle Ntuli.
UNtuli oyinkabi eyaziwayo KwaZulu-Natal udonsa isigwebo sikadilika jele abayisithupha neminyaka engu-39 ngaphezulu agetshwa sona ngoJanuwari 2022.
Ufakazi uthe lokhu kwenzeka kwenye yezinombolo zikaKelly ngazo izikhathi uSenzo abulawa ngazo. Utshele inkantolo ukuthi uNtuli washayela ucingo uKelly kabili ngo-Agasti 2, 2014, nango-Okthoba 15, 2014.
“Kuvela ukuthi yonke into yacishwa kwiselula kaKelly emva kosuku uSenzo ebulelwe,” kusho uSteyn.
Uqhube wathi akakwazi ukusho ukuthi yonke into yacishwa nini kahle hle ocingweni lukaKelly.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi le selula elalinolwazi lwacishwa ngesikhathi iselula isekuKelly noma yacishwa isisezandleni zamaphoyisa,” kusho uSteyn.
Phambilini, uNkk Nthabiseng Mokete ongufakazi ongumakhelwane owafika emva kwesigameko, ubuzisisiwe ukuthi ababesendlini babekhala ngempela noma babezikhalisa yini?
Ephoswa ngemibuzo ummeli kammangalelwa wesihlanu, u-Advocate Zandile Mshololo, umsole ngokwethula ubufakazi obungesilo iqiniso.
UMshololo uthe uNkk Mokete wehluleka wancama ukubachaza abantu ababona bebaleka emva kokuqhuma kwesibhamu kathathu esitatimendeni.
Uphinde wahlala ekutheni ingabe wabona ukuthi babekhala ngempela uZandi noKelly noma babezikhalisa?
“Ngesikhathi uZandile Khumalo eza kuwe ekhala, wambona ezenzisa noma wayekhala ngempela?” kubuza uMokgoatlheng.
UNkk Mokete uphendule ngokuthi: “Babekhala kakhulu, ngiyakhumbula uKelly ethi, ‘Senzo ungasenzi kanjalo, sizothini kwabakaMeyiwa? UKelly wayekhala kusukela ngesikhathi uSenzo ephushwa ngesi-stresha efakwa ngaphakathi esibhedlela, wayelokhu ekhale njalo.”
UMshololo embuza ukuthi uyakwazi yini ukubona umuntu okhala okwangempela nokhala izinyembezi zengwenya, uphendule ngelithi, inkinga yena akazazi izinyembezi zengwenya ukuthi zinjani.