KUBE nesililo nenjabulo enkantolo emuva kokuthi ijaji ligwebe udilikajele unesi owathenga izinkabi ezasoconga umyeni owayewunjiniyela.
Lezi zithandani kwase kusele izinyanga ezintathu zishade umshado omhlophe.
IJaji elibambile uSolwazi Bonke Dumisa
IJaji elibambile, uSolwazi Bonke Dumisa ligwebe uNksz Nompumelelo Goncalves (31) nomfowabo uNkosinathi Zungu (40) iminyaka engu-10 ngecala lokuthumba, ewu-20 ngecala lokuphanga kusetshenziswa udlame nodilikajele ngokubulala okuhleliwe.
Lo wesifazane ubhanselwe ngeminyaka eyisishiyagalombili ngamacala amabili okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Wabika amacala angekho emaphoyiseni okungelokuduka komuntu nelokwebiwa kwemoto kamufi ekubeni wayazi ukuthi ukuphi.
Ababulali, njengasemihleni, bebebukeka bezikhululekele beqeda kugwetshwa, kunalokho unina nodadewabo kaNksz Goncalves bavele bakhala.
Ngakolunye uhlangothi, abomndeni kamufi, uMnuz Nkosi Timmy Langa ajabulile, akikiza aze avuma ingoma yokubhuqa enkantolo (Azophela amaqhinga...Abanye bayokhala izinyembezi).
UNksz Zodwa Langa ongudadewabo kamufi uthe bayazi ukuthi ngeke esabuya uLanga kodwa isigwebo sibasule izinyembezi sabathoba amanxeba.
“Bubi ubudlelwano phakathi kwethu nabakamakoti, asikhulumi selokhu sagcinana kusaphila umama (unina kaLanga osewashona) ngoDisemba 2020,” kusho uNksz Langa.
Osekufiswa yilo mndeni manje ukuba ubone ingane kamufi ezohlanganisa iminyaka eyisishiyagalolunye ngoDisemba, abagcina ukuyibona ngo-2020.
Le ngane esifunda uGrade 3 eMtuba, ikhuliswa ugogo wayo unina kaNksz Goncalves obesenkantolo. Lo mndeni uthi abakwaTransnet lapho umufi ayesebenza khona, bayibambile imali yakhe ngoba umndeni ubungafuni iwele ezandleni ezingafanele.
Umngani kamufi, uMnuz Thamsanqa Maduna, obesenkantolo, uthe umufi wayengumuntu onothando, onakekelayo engabukelani phansi futhi amampunge ukuthi wayehlukumeza.
UMaduna uthe ngo-2019, watshelwa umufi ukuthi uZungu wayehluleka nawukuzenzisa engamfuni.
“Wayekhathazekile ukuthi akafunwa wuZungu. Ngaphambi kokuthi abulawe, uNkosi wangicela ukuthi ngimkhaphe ayokwembesa ekhweni lakhe eMtuba. Kwabaleka isilwane (isiklabhu) esasizohlatshwa emcimbini, engizisolayo manje ukuthi ngasijahelani ngabuya naso ngoba kwakuyizinkomba zokuthi laba ababili kwakungamele babe ndawonye,” kuchaza uMaduna.
UDumisa uthe laba ababili abakhombisanga ukuzisola ngabakwenza. Uthe umsebenzi kanesi owokuhlenga impilo yabantu kodwa uNksz Goncalves wathatha impilo yomuntu.
ULanga wathunjwa kwakhe ePinetown ebusuku ngoSepthemba 29, 2020, wabulawa ngokuklinywa emahlathini oZwathini, eNdwedwe.
Inkabi uJames Mthimkhulu yalivuma icala yagwetshwa iminyaka engu-20.