Basho kanjena-nje inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ngempelasonto ikuvumele ukuthi amakhambi esintu ahlolwe ukuthi aphephile yini ukuthi angasetshenziselwa ukwelapha iCovid-19.
UMengameli weKZN Traditional Healers Association, uMnuz Sazi Mhlongo uthe: “ IsiZulu sithi elempofana libonwa kamuva. Sasivele sishilo ukuthi amakhambi esintu afana nomhlonyane ayawelapha umkhuhlane futhi siyakholwa wukuthi nawo lo mkhuhlane ayawelapha, kwazitshwa, kwakhulunywa ngokuthi kumele kube nocwaningo kodwa nalo lolo cwaningo lwangenziwa. Ngesikhathi sikusho lokhu leli gciwane lalisadlange kakhulu phesheya, laze lafika nakuleli labulala.
“Ukube amakhambi avele asetshenziswa ngabe bambalwa abashonile. Abelaphi bendabuko bayazi ukuthi amakhambi axutshwa kanjani ukwelapha imikhuhlane,” kusho yena.
Uqhube wathi uyajabula ukuthi ekugcineni iWHO isize yakuvumela ukuthi amakhambi esintu ahlolwe.
“Uma esehloliwe lawo makhambi kwatholakala ukuthi ayasebenza angabe esephenduka awabathize ngoba ngawethu. Thina siwasebenzisa ngendlela yethu yase-Afrika. Besivele siwasebenzisa futhi sizoqhubeka,” kusho yena
USolwazi Nceba Gqaleni waseDurban University of Technology owungoti wamakhambi, uthe isinyathelo seWHO sihle, sizophendla indlela yokuthi amakhambi esintu ahlolwe kusetshenziswa imigudu ekhona ukuze kuphenduleke imbibuzo ebiba khona mayelana nawo.
USolwazi Mahmoud Soliman owusokhemisi futhi owenza ucwaningo ngamakhambi esintu e-UKZN, uthe kuyinto enhle ukuthi amakhambi esintu aziwe umhlaba wonke.
“Asidingi ukuvunyelwa ukuthi sihlole amakhambi esintu, esikudingayo wukuthi kwaziwe ukuthi nawo angaba yisixazululo sokulwa nezifo. Uma lokho sekwaziwa, kuzoba lula ukuthi kutshalwe imali uma ehlolwa,” kusho yena.