INJABULO kubalandeli bomethuli wokwezenzeka emgwaqweni ememezela indlela entsha yokusebenza. U-Ayanda Msweli ongomunye wabantu abanogazi nabalandeli emsakazweni uKhozi FM, uvuse abalandeli ngezindaba ezimnandi zeTraffic Podcast obekumele iqale ngoMsombuluko. Yize kuqale kwaba nobuhixihixi kodwa uMsweli ukwazile ukuxhumana nabalandeli bakhe, wababikela nokuthi kuzolungiswa maduze.
"Asixolise kakhulu ngobuhixihixi obube khona. Masithembe ukuthi kuzosebenzeka ngokuqhubeka (kwesikhathi)" kuxolisa uMsweli. UMsweli umemezela indaba ye-podcast nje usanda kumiswa emsakwazweni. Ukuyiqala kwakhe akazange akhulume lutho, noma amemezele ngokushiya umsakazo njengoba abantu bese beqagela.
Ingene ingenile imibiko yokumeseka uMsweli ezinkundleni zokuxhumana abantu bethi bazomeseka ngayo yonke indlela.
"Siyabonga kakhulu Msweli ngothando onalo ngabantu nomsebenzi wakho. Sengathi uNkulunkulu angakukhulisa ufike lapho ungakaze ucabange ukuthi uyofika khona," kusho uSkhulile Mthembu.
"Siyabonga Msweli ngokwenza indlela yokuthi uphinde uxhumane nomphakathi. Kuthiwa (inja) ayiyikhonkothi imoto emile. UNkulunkulu usazokubusisa kakhulu futhi uma eselethe izibusiso uyakuhlehlisa esixukwini," kusho uBoniswa Maboni Dlamini.
"Qhawe lakithi, uqhubeke nomsebenzi omuhle," kusho uBonga Nsele.
"Wamuhle umsebenzi ngwenywa. Engingakusho nje wukuthi ukuvaleka komunye umnyango kusuke kusho ukuvuleka komunye. Siyakhula asingami ndawonye. IsiZulu kasitolikwa. Phakama ngwenya yami. Siyizigidigidi sisemuva kwakho. Umholi wuNkulunkulu," kusho uVelemseni Siyabonga.