USIZI ngemva kokuthi abafundi abathathu baka-matric besikole iMnyamande High, eNtendeni eNewcastle, bebhubhe engozini yemoto ngeSonto.
Abafundi okunguLuyanda Vilakazi (19), ngu-Anele Majola (18), noThandokuhle Khumalo (18), baphangalale engozini yomgwaqo kuN11 ngaseNgagane.
Ingozi ibandakanye imoto encane ebebehamba ngayo neloli okushayisane mahlanze emgwaqweni, uN11.
Ngokuthola komthombo weSolezwe, bebebuya kobhiyozela ukuqeda ukubhala ezindaweni ezimbili ezehlukene zokucima ukoma, okuyiseSigodini eMadadeni, naseShibhini, eSibhasha.
Kuvela ukuthi abangani babo abathathu ebebehamba nabo, bayelashwa esibhedlela ngemva kokulimala.
“Bekushayela u-Anele, imoto kungeyesihlobo,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi isimo simuncu esikoleni kulandela ingozi.
“Bekungumbhiyozo nje wabo wokubungaza ukuqeda ukubhala ebebezihlanganisele wona njengabangani. Kubuhlungu ngoba besithi sesiqedile okonyaka njengoba sekuqediwe ukubhala, besingalindele ukuthi kungehla umshophi ofana nalo,” kusho umthombo.
Uphethe ngelithi abashonile bebengabafundi abahloniphayo, abangezona izixhwanguxhwangu bewuthanda umsebenzi wabo wesikole futhi bekungangatshazwa ukuthi bazophasa.
Unina kaLuyanda, uNksz Ayanda Mkhwanazi uthe bathole ucingo kumqeqeshi wabo webhola, ethi abaphuthume esibhedlela ukuyombheka ngoba uzwa kuthiwa behlelwe yingozi.
“Sinikele khona, ngeshwa asangamfica. Sathola ulwazi lokuthi yena uphelele endaweni yesigameko,” kuchaza uNksz Mkhwanazi.
Uqhube wathi ubuhlungu ngokushona kwakhe ngoba ubesalindele lukhulu kuye.
“Ubekubheke ngabomvu ukuthi ayoqhuba izifundo zakhe eWits University ngonyaka ozayo. Ubeze esho ukuthi uma esefundile, uzongakhela umuzi, angithengele nemoto. Ngilimele ngoba ubenamaphupho amahle, ebengisalindele ukuthi azofezeka,” kusho uNksz Mkhwanazi.
Uthe ubehlonipha uLuyanda, engumntwana olungile futhi ethanda imfundo nebhola, wathi ubephuza nje ngaleso sikhathi uma ezinamele.
Uthe kwenzeka isigameko nje babethathane nabangani ngoMgqibelo, bengabantu abazobuya ngoMsombuluko.
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal uNkk Mbali Frazer, uzwakalise ukushaqeka ngesigameko, wadlulisa amazwi enduduzo emndenini yabashonile, wafisela abathathu abasesibhedlela ukululama okuphuthumayo.
UNkk Frazer uhambele imindeni yabashonile izolo.
“Ukulahleka kwemiphefumulo esemincane kangaka kuyishwa, ikakhulu ngoba sesilinde imiphumela ka-matric yanonyaka. Kubuhlungu ukuthi eyabo izophuma sebengasekho emhlabeni,” kusho uNkk Frazer.
Uhambe emagameni kaNgqongqoshe walo mnyango kuzwelonke, uNkk Angie Motshekga, onxuse abazali nalabo ababheke abafundi ukuthi babaqaphe ngeso lokhozi ngalesi sikhathi.
“Imigubho abazenzela yona abafundi uma bebungaza ukuqeda ukubhala asiyigqugquzeli ngoba ingabeka impilo yabafundi engcupheni,” kusho uNkk Frazer.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNewcastle, avule icala kulandela isigameko lapho iloli lishayisane nenye imoto emgwaqweni ochezukayo eNgagane, kuN11.
Uthe kusolakala ukuthi bekunabantu abayisithupha ngaphakathi emotweni encane, abathathu bashonele endaweni yesigameko kwathi abanye abathathu baphuthunyiswa esibhedlela esiseduzane.