BEBESWELE amaphiko okundiza abantu baseWestbury, eGoli emuva kokufika kwamaphoyisa eTactical Response Team (TRT) adume ngelama bharethi ngoLwesine.
Yize efike emuva kwezinsuku ezintathu abelindelwe ngazo kodwa umphakathi ujabulile uwabona.
Ngesonto eledlule kuqubuke imibhikisho eWestbury emuva kokushona kukaNkk Heather Peterson (45) odutshulwe yinhlamvu ebinhlanhlatheka ngesikhathi kudubulana izigebengu. Kuphinde kwalimala indodakazi yakhe eneminyaka ewu-10.
NgoLwesibili uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele uvakashele eWestbury wathembisa ukuthi uzothumela amabharethi ukuze alwe nobugebengu endaweni.
Abantu bese bethi bazobhikisha uma amabharethi engafiki.
“Silethe amaphoyisa ukuthi avikele umphakathi futhi abophe izigebengu. Ngiyanicela ningazifukameli ngoba amaphoyisa azobopha zonke izigebengu ezidlwengulayo, ezidayisa izidakamizwa, ezibulala abantu, ezintshontshayo nazo zonke ezisohlwini lwethu lwabantu abafunwayo,” kusho uCele.
Uthe banohlu lwezigebengu eziwu-20 ezifunwa ngamaphoyisa futhi uma zingazizeli azofika esekhahlela izicabha ezozibopha.
“Silethe amaphoyisa awu-143 kodwa nizobona awu-133 njengamanje. Amanye awu-10 ngeke niwazi ngoba ahlala nani. Azoqoqa bonke ubufakazi ukuze izigebengu zivalelwe ejele. Uma izigebengu zifuna udlame kufanele zilwe neTRT ngoba ayisebenzisi izinhlamvu zenjoloba idubula ngezinhlamvu zangempela,” kusho uCele.