WAYESEYIQAQA emphakathini futhi sekuvalwa namasango ukuze angangeni esikoleni okwakufunda kusona ingane yakhe owesilisa njengoba ayesolwa ngokuyibulala nonina wayo.
Kodwa izolo, iNkantolo eNkulu yaseThekwini, yesule izinyembezi uMnuz Senzo Simamane oyiphoyisa ngesikhathi igweba odilikajele ababulali.
USimamane uthe simgeze igilo isigwebo esinikwe ababulali, engeza ngokuthi usekhululekile, usezokwazi ukuqhubeka nempilo.
Uveze ukuthi usahlabe ikhefu emsebenzini njengoba esaqhubeka nokulashwa ngokomqondo nangokomphefumulo.
“Emuva kwezinyanga ezimbili ngizothatha isinqumo sokuthi ngiyaqhubeka nomsebenzi noma ngiyayeka. Indlela engahlukumezeka ngayo ngokushonelwa futhi kusolwa mina, udokotela wenze isiphakamiso sokuthi ngiyeke emsebenzini,” kusho uSimamane.
UMnuz Siza Mthembu ongumfowabo kaNkk Simamane, uthe uyabonga inkantolo ngoba ibenzile ubulungiswa wathi uyasijabulela isigwebo nakuba engeke aphinde ambone udadewabo nomshana wakhe.
UNkk Nomkhosi Simamane, ongunina kaSimamane (Senzo) uchaze ababulali njengezilwane eziphike kwaze kwaba sekugcineni.
Uthe uyakhuleka kuMdali ukuthi amgcine akhulise ingane kamufi esineminyaka emihlanu athe yamthusa ngelinye ilanga imtshela ukuthi iyazi ukuthi unina wayo sewashona.
Owayewuthishanhloko wasesikoleni iCastlehill Primary, eNewlands West, uMnuz Bonginkosi Kheswa, uthe nguyena owakhipha umyalelo othi uSimamane angabe esevunyelwa esikoleni ngoba babesola ukuthi uyena umbulali.
“Ngisho enkantolo lisaqala icala ukuthi sasingafuni ukuhamba naye (uSimamane) ngoba abantu babesola yena. Kwaba yiphutha okwenzeka kodwa manje sijabulile ukuthi ababulali bagwetshiwe,” kusho uKheswa.
Uchaze uSibongakonke athe wayefunda uGrade 7, ngomfundi owakhaliphile, ethandeka futhi ezithobile.
ISanco eThekwini ne-ANC Womene’s League (ANCWL) ku-ward 37 eMkhandlwini iTheku, bababaze isihluku nonya olukhonjiswe ngabantu besifazane bebulala omunye umuntu wesifazane nengane futhi ababekade bengomakhelwane.
UNkk Gugu Zulu we-ANCWL owayeyikhansela lendawo okwehla khona isigameko, uthe sabashiya behlukumezekile futhi bedidekile. Ubonge abomthetho ngokubuyisa ithemba emphakathini ngokugweba ababulali.
UNkk Nomzamo Mkhize ongunobhala weSanco eThekwini, uthe isigwebo siyabenelisa futhi uyathemba ukuthi ababulali bazoshintsha. Kusiphathe kabi okwenzeka ngoba kwahlunanisa phakathi imindeni emibili eganiselene.