KUZOQOPHEKA umlando eMkhosini woMhlanga wakulo nyaka ozokuba ngenyanga ezayo.
Kulo nyaka kuzobe kuhlangana iminyaka engu-40 kwavuselelwa kabusha lo mkhosi ohanjelwa izintombi eziqhamuka ezindaweni ezehlukene okubalwa nezingaphandle kwesifundazwe iKwaZulu-Natal.
UMkhosi woMhlanga wavuselelwa kabusha ngo-1984, uvuselelwa iNdlovukazi uShiyiwe Manftombi Dlamini Zulu, ozala iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Isolezwe lithole ukuthi emkhosini wakulo nyaka kuzogqanyiswa kakhulu ibanga eselihanjwe yilo mkhosi.
Umthombo osondelene namalungiselelo omkhosi, uthe kuyinto enkulu ukuthi umkhosi uzohlanganisa iminyaka ewu-40 wavuselelwa.
“UMkhosi woMhlanga ungeminye yemikhosi egqamile lapha KwaZulu. Isasasa lilokhu likhule njalo, kwahlula nangesikhathi umkhosi uphazanyiswa iCorona. Nombango wesihlalo sobukhosi awuzange uwuphazamise umkhosi. Ingakho ke kuzogqanyiswa ukufinyelela komkhosi kule ngqophamlando.
“UMkhosi woMhlanga ubambe elikhulu iqhaza ekwakheni intsha. Ukhuthaza izintombi ukuba zizithibe, zingajahi izinto ezingalungile. Ingakho kwathathwa isinqumo sokuthi uvuselelwe kabusha ngoba kwakubonakala ukuthi intsha ibhekene nezinkinga eziningi.”
Umthombo uthe ngeke bakukhohlwe okwenziwa iNdlovukazi uShiyiwe ivuselela umkhosi ngesikhathi kubusa iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
“Ngiyacabanga ukuthi akuzange kube lula ukuvuselela umkhosi okwasekuphele isikhathi eside ungasenziwa. Ngibona ukuthi into eyalekelela indlovukazi ukuthi vele nakwaNgwane (eSwatini, lapho izalwa khona) uyenziwa uMkhosi woMhlanga.”
Njengenhlalayenza, uMkhosi woMhlanga uzoqala esigodlweni eMachobeni, eNgwavuma, ngoSepthemba 7.
NgoSepthemba 14 kuyobe sekulandela umkhosi omkhulu ozokuba sesigodlweni eNyokeni, kwaNongoma.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela iSilo, uMntwana uSimphiwe Zulu, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Amalungiselelo omkhosi aseqalile, izinhlaka ezehlukene seziqalile ukukhangisa umcimbi ezinkundleni zokuxhumana.
Omasipala abaningi sebeqalile ukwenza imicimbi yokuthi ndlelanhle ezintombini ezizoya emhlangeni.