Kuzophoqeleka ukuthi amaqembu ajube abanye abaholi ezikhundleni zobumeya ezivuleke emuva kokushiya kwabanye ngesikhathi kubekwa uhulumeni omusha.
Izwe libuya okhethweni lukazwelonke oludale ushintsho olukhulu ezweni. Kulezi zinsuku kumatasa kubekwa uhulumeni ozobusa iminyaka emihlanu.
UMasipala waseZululand ophethwe yi-IFP, usale ungenayo imeya emuva kokwenyuka kukaMfundisi Thulasizwe Buthelezi waya kuhulumeni wesifundazwe. UButhelezi ubuyela njengokugiya eSishayamthetho ngoba wayekhona phambilini.
UButhelezi obuye abe wuNdunankulu kaZulu, uqokelwe kwesoMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. UButhelezi umenyezelwe wuNdunankulu omusha uMnuz Thami Ntuli, ngoLwesibili.
UNtuli onguNdunankulu omusha umemezele abaphathiswa bakhe eqeda ukufungiswa eMgungundlovu ngoLwesibili emcimbini obukade ubhekwe ngabomvu.
UNtuli naye ubeyimeya yaseKing Cetshwayo njengoba esekhuphukele ekuphatheni uhulumeni wesifundazwe. Nakhona eKing Cetshwayo eseRichards Bay, kuzophoqa ukuthi kuvalwe isikhala sakhe sobumeya.
Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe bayazi ukuthi kunezikhala ezivulekile futhi akonakele lutho. Uthe akukho ukuphazamiseka kokusebenza okuzoba khona ngokwenyuka kwezimeya.
“Amaphini ezimeya azobamba ezikhundleni kuze kube kuqokwa izimeya zomasipala. Kunzima okwamanje ukusho ukuthi yinto yanini,’’ kusho uHlengwa.
Ngaphandle kwezimeya ze-IFP kuphinde kwavuleka isikhala semeya yeTheku ngesikhathi kwesula uMnuz Mxolisi Kaunda yena osejutshwe ePhalamende.
UKaunda wesule kungasazelele muntu emuva kokuthi kade kwasa evika izagila ngapha nangapha bezama ukumketula. UKaunda ehamba wathi i-ANC izowusingatha umsebenzi wokuqokwa kwemeya entsha maduze.
Igama likaMnuz Cyril Xaba lilokhu livela njengokunguyena osikazwayo esikhundleni semeya yeTheku. UXaba akasabuyeli ePhalamende emuva kokhetho. UXaba uthathwa njengonesipiliyoni kakhulu ekusebenzeleni uhulumeni emazingeni ehlukene.